... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ingcebo Enhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

Igciwane lemithambo yenhliziyo   –imvamisa okuyisifo esibizwa  ngesifo senhliziyo kumbe i-stroke  yiso esingukufa okukodwa  kokuthathu   ekuthatheni abantu .

Okuchaza ngokwalezibalo namhlanje sikhuluma nje ,sibulale abantu  abangu  51,000 nakusasa nangolunye usuku ,nsukuzonke unyaka nonyaka ozayo .

Futhi ohlaziyweni lwalesisifo kuthiwa imbangela enkulu yimpilo yeNtsonalanga yesilungu  esiphethe umhlaba wonke ;ngokudla ukudla kwabo okufakwe ama chemical kweqa ,okungeyikho imvelo nokucucuziwe [processed] kweqa ,okuyishwa lokuthi sesiphila ngalendlela yokudla yaseNtshona engenampilo .

Okumangazayo ngukuthi kudala lendlela yokuphila yasentshonalanga esesiyiphila manje umhlaba wonke ,isifo senhliziyo sasiyinto engekho ngalesosikhathi singakangeni kuyo .

Ngakho  mangase nje sikuyeke lokhu kudla okuyimicucuzo [processed food]  qede sibuyele ezithelweni ziyizo zingafakwe lutho ,ama veggie,zinhlanzi ,nenyama eyiyo efuyiwe , siyeke wonke lama tin stuff nokuningi okuyilemicucuzo yokudla ,ziningi izimpilo zabantu ezingasinda bengafi bengangcwatshwa bazidlele anhlamvana baze badele wukuphila .

Okuyishwa nobuhlungu bunye ngukuthi njengaso lesisifo senhliziyo esesiqhubeka sibulala abantu ngezinkulungwane usuku nosuku  kusuka ngosuku lokuqala u-Adamu no Eva badla okungavunyelwe nanamhlanje sisababulala abantu lesosifo naso . UJesu ubeka kanje :

NgokukaLukha  6:45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

Ngakho shlobo ake ngikubuze ikusiphi isimo inhliziyo yakho ? Ngakube inqubompilo yakhe seyifake okunye esikhundleni salobabuhle bukaNkulunkulu  obabuphelelisa inhliziyo yakho ,ifake lobububi  bemikhiqhizo yakulomhlaba   ukwenza konke okubheke eceleni ?

 Futhi yikuphi okumele ukubeke emgqeni ukuze kube noguquko olufanele empilweni yakho  ? Ngokuba  … Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy