Ingxenyana Yezindaba Ezinhle
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KuThimothewu 1:9 Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.
Kunezindaba ezincane ezinhle eziligolide eziqhubeka zizungeza kulezinsuku . Ngoba uzwa kuthiwe sekugwaze umuntu endaweni ethile ,khona osedutshuliwe ,ukunyuka kwezindleko zokudla ,umnotho ushone phansi …uyalwazi udaba .
Mhalwumbe yingakho abaningi bethanda ukugubha ukuwina kwama team abo mayedlale kahle .Angisho ukuthi ngithini njalo mayengawinanga !
Imvamisa yizona zindaba kuphela esizizwayo ezijabulisa umuntu uma enothando ngezemidlalo .
Yebo nebala ama team nabantu ngamunye bawina uma beziqeqesha kanzima ukukwazi ukuzikhandla ukunqoba abajikana nabo .Futhi siyathokoza mase zibambene kunguwafa wafa ,amehlo siwathe njo kulaba esiba saphothayo ,ngokwethu lokho sikubiza ngokuzijabulisa –entertainment .
Kodwa lwo mqondo wokuqophisana yinto eyadluliswa engqonweni yethu .Sifuna ukuwina ,sifuna ukuphumelela kunoma yini ephambi kwethu .
Kimi nebala kwaba njalo njengokuba ngingumuntu othanda ukugasela phambili ngamandli ami onke kwengikwenzayo ,ngaphila impilo yokuqophisana –competition ,kwaba yinto engangithi uzongemukela ngiyilokho uNkulunkulu futhi aqhubeke nami nginjalo ngoba uzobona ngiyafuzula angidlali .
Phela ekujuleni kwenhliziyo yami ngangazi kahle kamhlophe ukuthi ngenze amaphutha amaningi .
Ngithemba ngenza ambalwa kulezinsuku ,kodwa sonke sinjalo kunezinto esisehluleka kuzo ,angithi ? Lokho okungiletha kulezindaba ezinhle :
2 KuThimothewu 1:9 Owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi.
Ubudlelwane bakho noNkulunkulu abungakho ukuba ngukhamisa ngithele .Akungakho ukuqophisana nolwa naye nosemzabalazweni naye .
Akungakho ukufuna ukuzibeka ezingeni eliphezulu ukuze wemukeleke kuye .Konke kungomusa wakhe ,ngoba shlobo sami ,uJesu ukhokhele konke ukwehluleka kwakho kulokho okusakuhlula …nakimi wenze lokho kanye kongikhokhela .
Zindaba ezinhle nebala lezo ! Ezinamandla !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.