Inhlansi Encane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
EkaJakobe 3:3-5 Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo. Bhekani nemikhumbi, ingaka nje, iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa khona. Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka
Ekubukekeni kwezitho zomzimba wakho ulimi alusona isitho esikhulu;alufani nesandla nonyawo angithi ?Kodwa nakuba luwu-size obukeka umncane unganakekile ,lungenza umhlaba obusisekile ,kumbe umhlaba ogcwele izinhlungu .Olwakho ulimi kuhamba kanjani kulo Mlaleli?
Ezinsukwini sike sabuka lesibhalo ndawonye :
NgokukaLukha 6:45 Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.
Ngamanye amazwi ,njengokuba uJesu imvamisa ecashunwa engokhuluma athi ,ulimi lukhuluma ngokokuchichima kwenhliziyo .Uma kungekho ubumsulwa benhliziyo ,ngaphandle kwenhliziyo ekhethwe ukusondela kuJesu ,ukumlangazelela ,ukumlandela ,ukumkhonza ,ukumlalela …ngaphandle kwalolohlobo lwenhliziyo kuncane okuhle okungavela kugeleze kahle .
Kodwa akukhathalekile imsulwa kangakanani inhliziyo yakho ,ziyoqhamuka noma kunjalo izinto zikuchukuluze ;ziyoza izinto zikugudluze kulayini .
EkaJakobe 3:3-5Uma-ke sifaka amatomu emilonyeni yamahashi ukuba asilalele, siqondisa nomzimba wonke wawo. Bhekani nemikhumbi, ingaka nje,
iqhutshwa yimimoya enamandla, iqondiswa ngephini elincinyane, lapho umshayeli efuna ukuyiqondisa
khona. Lunjalo nolimi; luyisitho esincane, kanti luyazigabisa kakhulu. Bhekani umlilo omncane uvuthisa ihlathi elingaka
Lulawule ulimi lwakho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.