... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Into Yokucatshangwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 5:6-8 Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

Ngesikhathi sisabhekisa imicabango yethu kuKhisimusi ,kunotho oluthile oluthiya abaningi ukuthokozela umgubho kaKhisimusi .

Iminyaka eminingi ngangimanqika ngendaba yokugubha uKhisimusi mhlawumbe yingoba kwakukhanyisa ezinyaweni zami njengethoshi  indlela engangiphila ngayo ngingavumelani nokuza kukaJesu  ezele mina  – nakuba nginganasiqiniseko ukuthi phambilini ngangingabeka kanjalo .

Indlela engcono yokuchaza engangikuzwa kwabe  kungumuzwa wokuzibukela phansi  .

Ekujuleni nganginomuzwa wokuthi hleze kuliqiniso lonke lendaba yokuthi uJesu weza wazoba umuntu ebantwini ebe eyiNdodana kaNkulunkulu ,ezelwe ngenyama aze ayobethelwa esiphamabnweni ukuze uNkulunkulu angithethelele izono zami  .

Kodwa ngendlela engangiphila impilo yami angithandanga ukuba lelolambu likhanyise impilo yami . Ngakho umuzwa wami wokuphendula endabeni kaKhisimusi kwabe  ngukuzizwa nginamhloni ngingongelutho .

Angazi wena  wazizwa kanjani ngempilo yakho ,uma sekukhanyiswe bha ukuthi uKhisimusi empeleni ungani .Mhlampe ngesikhathi usakucabanga lokho ngicela ujule ngalamazwi  uwavumele asebenze enhliziyweni yakho :

KwabaseRoma  5:6-8 Ngokuba sisebuthakathaka, uKristu wafela abangamesabi uNkulunkulu ngesikhathi esifaneleyo; ngokuba cishe kungenzeki ukuba umuntu afele olungileyo, kodwa mhlawumbe kungase kube khona ongaba nesibindi sokufela omuhle; kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

Lokho yinto kanye yokucatshangwa .Ngoba  …

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy