Isikali Sakho Sokuthatha i-Risk Ngenxa Yomvuzo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 5:11,12 “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Sonke sinezikali ezehlukene zokuthatha i-risk ngenxa yomvuzo.Abanye bakulungele ukuthatha ama-risk amakhulu ukuze bathole umvuzo omkhulu .Abanye bazibamba ngamatomu ,bathathe ama risk amancane ukuze bazizwe bephephile bengakhalakatheli uma izinto sezingasalungi.
Ngiyazibuza ngesikhathi usakucabanga lokhu ukuthi kuwe isikali sokuthatha ama-risk singakanani .
Enye yama risk enkulu empilweni ,ngukudela umvuzo omncane namhlanje ngenhloso yokuvuza kakhulu kwikusasa. Kwi-article phambilini ye – Wall Street Journal, umcwaningi u- Dr Kaileigh Byrne ucashunwe ethi : “Abantu ngokusabalele bavama ukudeliswa ngumvuzo wamanje esikhundleni sokubheka omkhulu wekusasa , ngisho kungathiwa lemivuzo emihle yekusasa mikhulu kakhulu .” Asikungabazi lokhu akushoyo ,kuliqiniso eliphelele.
Ngakho ake sicabange ngalokhu ngokwenani olilungele ukumlandela uJesu namhlanje , nama-risk okulungele ukuwathatha konke ngenhloso yokuzuza ikusasa libe ngelikhulu elingcono . Ngoba njengokuba uJesu wathi …
NgokukaMathewu 5:11,12 “Nibusisiwe, nxa benithuka, benizingela, bekhuluma konke okubi ngani, beqamba amanga ngenxa yami. Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.
Ngakho uphendula uthini uma abantu bekuthuka ,bekulimaza ,beqamba amanga ngawe ,besho izinto ezinhle ngawe ngoba nakhu ulandela uJesu? Ngakube uyathuka ,ulimale ufise ukuphindesela iso ngeso kumbe uzizwa ugqugquzelekile ? Ngihlawumbisela ukuthi ukuziphindiselela kungakunika umvuzo nokweniliswa kwemanje .
Kumbe ungathatha irisk yomvuzo osabambezelekile. Ungajabula uthakaze kakhulu ngakho .Ngani? Ngoba unomvuzo omkhulu okulindile eZulwini.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.