Isikhathi Siyahamba
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 13:10,11 Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho. Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
Unesikhathi esingakanani ,esikusalele ukuletha uthando kubantu abaseduze nawe ? Kunini ukwanga kokugcina oyokwenza kothandiweyo kuwe kumbe ukumxhawula ngothando okokugcina ? Impendulo isobala ,asazi . Lokho okuchaza ukuthi uthando lumelwe ngukuba seqhulwini kithi.
Ngumcabango ongaziki kamnandi lo ? Izimpilo zifika esiphethweni kungazelele muntu ,imvamisa ngokuphazima kweso .Lusuku lumbe unkosikazi wami ,ngiyomanga ngimqabule okokugcina ngingazi .Okuyothi ngokuphazima kweso ,omunye wethu uyobe esehambile singasophinde sibe seduze komunye .Lokho kuliqiniso ngabo bonke abathandiweyo bakho empilweni .
Futhi hhayi nje abathandiweyo bakho kuphela .Ngisho nabantu abakudalela intukuntuku ,abakucikayo . Lusuku lumbe ubudlelwane bakho nabo ,buyophela buthi nqamu ungalindele. Yeka ubuhlungu okuyoba khona uma ungabakhombisanga ngesikhathi ithuba usenalo .
KwabaseRoma 13:10,11Uthando alwenzi okubi kumakhelwane; ngakho-ke uthando lungukugcwaliseka komthetho.
Yenzani lokhu, njengokuba nazi isikhathi ukuthi sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni; ngokuba manje insindiso isisondele kithi kunaleso sikhathi esaqala ukukholwa ngaso.
Yebo siphila esikhathini esimqoka ,isikhathi sokuvivinywa ,isikhathi sodweshu , isikhathi lakhona kuqhubeka kuba negebe kwezobudlelwane emiphakathini esikuyo ngisho nabeseduze nathi . Ngakho nasi isiphaphamiso :
Yebo sekuyihora lokuba nivuke ebuthongweni …
Lobobudlelwane mhlampe obusubuzibile ….labo bantu abakulimazile ….yisikhathi sokubathanda ,bathande . Ngoba ukubathanda ,kuyefana nokulalela imiyalo kaNkulunkulu ,bathande . Ngoba ukuphela sekuseduze ,mhlawumbe kuseduze kakhulu kunakuqala usaqala ukukholwa .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.