... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isithombe Esikhulu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 118:5,6 Engcingweni yami ,ngakhuleka kuJehova ,uJehova wangiphendula endaweni ebanzi .UJehova ungakimi angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?

Listen to the radio broadcast of

Isithombe Esikhulu


Download audio file

Silwa izimpi eziningi empilweni .Futhi uma uphakathi nazo ,ukuziwina kubukeka kungenakwenzeka sanhlobo .Kwesinye isikhathi kusuke kuzokwenzeka kodwa uma seligaya ngomunye umhlathi  ibambene uzizwa kanjalo .

Zimpi  zini ozilwayo njengamanje ? Impi yezobudlelwane ,impi yezezimali ,yezempilo  kumbe uhlobo lwento ekuklaya phakathi ? Futhi wazi kahle ukuthi uyazi ukuthi uyazi ukuthi ufanelwe ukuyiwina ukuyinqoba .

Ngake ngavakashela indoda eyayinokholo olujulile kodwa eyabe ibhekene nomdlavuza ngokwezinga eliphezulu .Yathu kimi , “Ngisenempilo eningi ,akumele neze kube yisikhathi sami sokufa lesi”

Ihubo  118:5,6 Engcingweni yami ,ngakhuleka kuJehova ,uJehova wangiphendula endaweni ebanzi .UJehova ungakimi angiyikwesaba;umuntu angangenzani na?

Yebo nebala kwezinye izikhathi sisengcingweni sisengxakini ,simelwe ngukumemeza uNkulunkulu .Ngezindlela zakhe ,esikhathini sakhe ,uhlala njalo ebaphendula abantu bakhe uma bekhala kuye .Kodwa impilo ayingakho kuphela ukunqoba izimpi zesikhashana ;izimpi othi masubuka ekugcineni ezingayikusho lutho masekugoqwe konke ngempilo lusuku lumbe .

Ngoba lusuku lumbe kimi nawe ,ayikho impi eyoba ngesemqoka .Lusuku lumbe into eyobe isemqoka kunakho konke okunye ngukuthi ngakube uyiphilile impilo yakho ngokumethemba uJesu noma qha  .

Noma ngabe yini obhekene nayo ,noma ngabe ngukufa nokuphila ,ikakhulukazi emva kwakho konke lokhu,yazi nakhu : uNkulunkulu unawe ngakho ungesabi .Akekho noyedwa emhlabeni ongakwemuka lokhu akuphe khona .Yisona sithombe esikhulu ekugcineni esisibhekile leso.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy