Ithemba Elimsulwa
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaJohane 3:3 Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
Ubumsulwa yigama esilikhonzile esilithandayo .Igolide elimsulwa ,intokozo ephelele emsulwa …kodwa ngakube sewake wahlangana nomuntu ophelele ongenasici omsulwa ndawozonke ? Umuntu omicabango yakhe ezinzile futhi ehmabisana kahle kakhulu nezenzo ? Bambalwa abantu abanjalo kakhulu .
Uma ubuka ama movie kumbe ulalele istory uwela ngakulomdlali oliqhawe ogcwele izibele ,isihe ,uthando owenza okuningi ukufeza ubuntu koxakekile.
Konke lokho kungokulambela ubumsulwa .Ubuhle bubonakala bugqamile bunqoba ububi .Nokho inking okuthi uma siphila izimpilo zethu ubuhhadla balempilo bonokusihhadlazisa .Siyathanda ukuba ngabamsulwa ekwenzeni kodwa lempilo igcwele lobubuhhadla hhadla .Okugcina kuvama kusenza sikhethe okungaphansana kwalokho .
Khona kanye kulobobuhhadlahhadla ,sicwilile ,uNkulunkulu unalokhu ukukusho kithi:
1 EkaJohane 3:3 Bonke abanalo lelo themba kuye bayazihlambulula, njengokuba yena ehlambulukile.
Kwesinye isikhathi ngicabanga kunesizathu esihle ukuma simelane nololothuli oluphonswa kithi yilomhlaba nhlazonke ,sizihlanze sibe clean ,sibe msulwa emcabangweni ,ngezwi nangesenzo .
Futhi isizathui salokho yilesi ,ukuthi uNkulunkulu umsulwa .Futhi uma sibeke ithemba lethu kuJesu iNdodana yakhe ,owasithenga ebugqilini besono sethu ngokukhokha inani elalinzima esilikweletayo kulesosiphambano ,ngakho nathi simelwe ukuba msulwa .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.