Mhla UJesu Ebuya
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaJohane 3:2 Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
Enye yezinto edidanayo empilweni ngukuthi uma uzinikela kokuthile –kungaba ngumshado ,izifundo ezithile ,umsebenzi,noma ngabe yini –usuke ungazi ukuthi kuzophenduka kugcine kunjani .Angithi nawe ubile kulokho ?
Ngikhumbula kahle ngamhla ngizinikela kwi ministry yeChristianity Works ekulethela lomyalezo weZwi eliFresh namhlanje .Kwakungukukhetha okungelula ,ngempela . Iministry yayibukeka ifa iphela .
Kodwa kwakunento eyayingiqhuba ngaphakathi kimi .Kwakunezikhathi lakhona sasingazi noma kwakhona izoma noma cha le ministry [kodwa uNkulunkulu emfihlakalweni] “Ngangicabangani ingempela ? elinye iphimbo lithi ,ngenzani ingempela la ? Ngakube ngimuzwe kahle uNkulunkulu ?”
Futhi nebala yilesosimbelambela semicabango esinsonsotha kwabaningi ,abantu abake bakholwa nguNkulunkulu –noma ngabe izimo zazinjani .Uthembisa izibusizo eziningi kodwa nansi impilo ingumzabalazo khona kunjalo .
Uzame ukuphila ngokweqophelo eliphezulu kodwa izinto impilo eziphonsa kuwe zisho ukuqeda ngempilo yakho .Kwezinye izikhathi uzithola uthi ngqu ngapha nangapha kulempilo ,uzibuza ukuthi ekaze kwakhona uNkulunkulu ukhona na ? Yonke lento izogcina iphetha kanjani ?
Uma kunguwe lowo ,lalela shlobo sami ngoba …
1 EkaJohane 3:2 … Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho. Siyazi ukuthi, nxa ebonakaliswa, siyakuba njengaye, ngokuba siyakumbona njengokuba enjalo.
Kuzogcina kwenzeka kanjalo nebala .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.