Ngasizathu Sini ?
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 5:1,2 Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu, okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
Umbuzo : Ngabe uNkulunkulu wayecabangeni ngamhla ethunga lelicebo lakhe eligcine silibize ngo ‘Khisimusi’ ?
Kulungile mhlawumbe uKhisimusi esiwugubhayo sewuphenduke waba ngelinye nje igigi elehlukile kuwo qobo .Kodwa uma kunoNkulunkulu kungani ukuba athumele iNdodana yakhe uJesu kulomhlaba na ?
Kahle hle uKhisimusi sewugudluzwe ngamalengiso ngoba kawuseyiwo umgubho wokuza kukaJesu emhlabeni . Kwabanye yisikhathi nje sokudlalisa imali ,abanye benza imali ngawo abanye yisikhathi semiswenko nezibiliboco .
Abanye abayingeni sanhlobo kwayona eyokuwugubha kwawona wona lowo onjalo .
Ngakho nkashana sisabheke kuKhisimusi walonyaka ake sicwaninge ndawonye icebo likaNkulunkulu ngawo .
KwabaseRoma 5:1,2 Ngakho lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Kristu,
okungaye sinokungena ngokukholwa kulo musa esimi kuwo, siyazibonga ekwethembeni inkazimulo kaNkulunkulu.
Kunoma ubani wethu okholwa nguJesu kunesipho la esikhona .Phezu kwakho konke esikwenzile sinelungelo lokuma phambi kukaNkulunkulu ngoJesu .Singathokozela izibusiso zomusa wakhe ngoJesu .
Futhi singathokozela ukwazi ukuthi lusuku lumbe nakanjani siyoba ndawonye enkazimulweni kaNkulunkulu ngoJesu .
Sizoqhubeka sikubukisisa lokho ezinsukwini ezilandelayo .Kodwa okwamanje vumela uqobo lwaleqiniso lingene kuwe usabhekene nempilo yakho yansuku zonke .Ukuthula .Umusa .Isibusiso.Intokozo .Ithemba .Inkazimulo .UJesu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.