Ngenxa Yethu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
Kunezikhathi ezimpilweni zethu lakhona kudinga ukuba sisukume senzele omunye utho; into engasibiza inani elikhulu,into engabiza ukuzinikela okukhulu,imvamisa kabuhlungu.
Ngikholwa ukuthi sewuke waba sezikhathini ezinjalo njengokuba nami ngike ngaba kuzo .Futhi ngokungangabazi ziseningi izikhathi ezinjalo ezisasilindile empilweni.Kodwa ungake ucabange ukuthi kunganjani ukuthwala wonke umthwalo womhlaba emahlombe akho?
Siyazi kunzima kanjani ukuthwala umthwalo womuntu oyedwa nje phaqa; futhi ababili noma abathathu bangengethwaleke kalula . Manje ,umhlaba wonke ,ngempela? Kodwa yilokho kanye uJesu akwenzela wena nami ngamhla esifela kulesosiphambano.
2 KwabaseKhorinte 5:21 Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.
Kulesosiphambano uJesu wathatha wazibeka kuye izono zabo bonke abantu ababeke baphila ,ababephila nababesazophila ,kulomhlaba.Kwakunganele ukuthi kwakumele ahlupheke ,ngokomzimba ,ngendlela ebuhlungu nephoxanayo .Cha ,kodwa wayethwele izono zomhlaba wonke enyameni yakhe ,lokhu esithi masikubuka ngokwethu kwakungumthwalo wokomoya nangokomuzwa wenhliziyo ongenakuthwaleka .
Futhi kungani akwenza lokho ? ukuze kuyena [uKhrestu] senziwe [mina nawe] sibe ngukulunga kukaNkulunkulu .Ukuze ukuthi uma siletha izimpilo zethu ezinyaweni zalesosiphambano.Ukuze kuthi ngokholo kuJesu ,mina nawe sikhululwe sibe yilokhu asidalela ukuba sibe yikhona.Kuyizindaba ezinhle lezo kuJesu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.