Ngokungaphezu Kweso Lengqondo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 2:9,12 Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi: “Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” …. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.
Uke uzithole wehla wenyuka ,wenza izinto odinga zenziwe ? Ebese kufika isigaba lakhona intokozo ebiye ikufikele ,kube sengathi ivese yahwamuka .
Kuyimpambankwici ukuthi ngokwe-science ukuthi uma isponji sesome saze sawuqhotho kunzima ukusebenziseka kwaso ,kubiza ukuba sicwiliswe emanzini kancane kuqala .
Kodwa inkinga ngukuthi mina nawe sesizame kaningi ukusula amanzi achithekile ngaso lesiponji esesome saqina sayitshe kodwa siyahluleka ngoba asisakwazi ukuwagwinya siwamumathe lesiponji. Kuzobiza kuphela ukuba sicwiliswe kahle ngokwanele qede sikhanyisiswe some ngokuswakeme ebese kuyila ukwazi ukusula kahle ngaso ,senze umsebenzi oncomekayo.
Yebo shlobo mhlawumbe nawe kungenzeka ukuthi namhlanje uyakudinga lokhu kucwiliswa kabusha ukhanyisiswe kahle qede ukwazi ukuba sekusebenzeni okuncomekayo qede kubuyele kuwe leyantokozo yakuqala .
Ngakho ,nansi indaba la ikhona :
1 KwabaseKhorinte 2:9Kepha kunjengokuba kulotshiwe ukuthi:
“Lokho iso elingakubonanga, nendlebe engakuzwanga, okungavelanga enhliziyweni yamuntu, uNkulunkulu akulungisela abamthandayo.” …. Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.
Uphostoli Phawuli ulandisa ngokuqhubeka athi ngisho abaholi abaqavile bezwe besikhathi ‘abakubambanga’ lokhu . Yingakho bambethela uJesu .Kodwa …
1 KwabaseKhorinte 2:12 Kepha thina asamukelanga umoya wezwe kodwa umoya ovela kuNkulunkulu, ukuze sikwazi esikuphiwe nguNkulunkulu ngomusa.
Futhi kuKhrestu ,uNkulunkulu usevele ukuhlelele izibusiso ezingenakuchazwa … kwimanje nakwiphakade . Ngakho vumela uMoya oNgcwele akucwilise kabusha namhlanje .Vumela iZwi likaNkulunkulu likukhame namhlanje .
Ngoba unezinto ezinhle akuhlelele zona – ngisho kungabukeka izwe limunca konke ukuthokoza kithi –kodwa izinto ezinhle asibekele zona uBaba wethu zingaphezu kokucabanga kwethu
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..