... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Noma Ubani Ophila KuKhrestu …

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 3:4-6 Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho. Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye. Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.

Listen to the radio broadcast of

Noma Ubani Ophila KuKhrestu …


Download audio file

Kubukeka kungenakwenzeka kwesinye isikhathi ukugxumeka ikhanda lomuntu omdala entanyeni yomuntu omusha ;ukwedlulisela inhlakanipho kwabancane bethu ngokwendlela  abangakulungela ukuyimukela .

Ngikhumbula izinto eziningi abazali bami ababezama ukungifundisa zona engingazibambanga .Ngakho kwakubabiza ukuziphoqelela ukuba zingene ngenkani kimi .Izinto ezilula njengokudlula mawuvuka ,ukuklama mangiqeda ukubhava ,ukungabuyisi izwi ngezwi …ngokubuncane bami ngangiye ngiklabalase ngengqondo qede  ngiqhubeke nokungakhuli kwami.

Kodwa sengithi mangibuka emumva ngibone ngokucacile manje ukuthi ukucinelela kwabo bengifundisa kunenkokhelo namhlanje .

Lezozinto kanye ezibukeka zingelutho emqondweni we teenager  sezithele izithelo namhlanje  ngokuphindaphindiwe empilweni yami .

Okufanayo nanamhlanje  baningi ababukela indaba yokukhuluma ngesono njengesidala . Ake nje ulokothe ukhulume ngalelogama elincane ,abantu bazokuthelekela  belwa nawe. Ulitholaphi ilungelo lokungahlulela ? Ungaziphoqelela kanjani izinkolelo zakho kimi ngenkani?

Yebo ,angizami ukufunza abantu okuthile . Ngifuna nje ukukucobelela iZwi likaNkulunkulu ngokucacile  nokusobala :

1 EkaJohane  3:4-6 Bonke abenza isono bayeqa nomthetho, ngokuba

isono singukweqa umthetho. Senazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono; akukho sono kuye.  Lowo ohlala kuye akoni; lowo owonayo akambonanga, futhi akamazi.

Noma ngabe ungubani ,noma ukephi ngiyacela uthathe  isono ngoku serious kakhulu .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy