UBufakazi Obunamandla
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 1:17 Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela ,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane ,nimele umfelokazi .
Ngesikhathi osopolitiki bengazi bagxumele kuyiphi ipolicy ebekwe esithebeni noma ethini , imvamisa bawela ekuzicabangeleni bona .Hhayi njalo kodwa imvamisa .
Kungani ukuzicabengela wena ngokukhala kahle kuwe ? Yingoba iningi lethu singene shi ekuzicabangeni thina kuphela . Uma kushawe inqubo entsha nguhulumeni omusha ,into yokuqala esizibuza yona ngethi , “Ingiphatheleni mina ,ichazani kimi ? Izoba namthelela muni ezinkululekweni zami ,ezezimali zami nempilo yami ?”
Ukuseka ukuzicabangela wena kungenza uwine ukhetho ,kodwa imvamisa kuholela kwinqubo embi . Futhi lokho kuliqiniso nakweyethu impilo . Yebo sihlabeka umxhwele ngathi siqu ,ekugcineni okungasisizi kwathina . Mina nawe sidinga ukuqiniseka kunokudla okwanele etafuleni lethu , uphahla ekhanda lwethu ,imindeni yethu iphephile , nokuthi izingane zethu zisendleleni eyiyo njll. Akusikho ukuthi yinto le encane …. … kodwa ngiyakutshela makuke nje kwadlula kulokho kucabanga kwezidingo zokuphila eziseqhulwini kusuke sekungene ukufuna kunokudingekile.
Ngifuna lokhu,ngifuna lokhuya ,ngifona lobuntofontofo ,ngifuna leyamoto lowamuzwi leye-device njll. Futhi lokho masisha kwenza ukuthi kubaleke kusithele izidingo zabanye abantu abasizungezile abanazo ,akwenzi njalo ? Bese kuyisikhathi sokuzifunda lesi:
Isaya 1:17 Fundani ukwenza okuhle ,nifune ukwahlulela ,niqondise abacindezeli,nahlulele izintandane ,nimele umfelokazi .
Kunabantu eduze kwethu ,kwami nawe abadinga usizo lwethu kakhulu . Kwesinye isikhathi akuyona nento enkulu ukuba nje ngowenza okuhle kubo , ngisho lokho kungabiza ukweqa ukuzifunela okwethu inqobo nje makuziguqula impilo yalomuntu . Kwesinye isikhathi kuphoqa ukuba sibhunkule sisukume sime qingqo .
Sihlobo sami ungavumi ukuba ngugombelakwesakho uze uxoshe ngisho isihe sokuqalaza abanye abantu enhliziyweni yakho .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..