Uguquko Lwenzeka Kanje
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 55:8-11 “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” Usho uJehova .Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu nemicabango yami kunemicabango yenu .Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini ,kungabuyeli khona kepha kuwunethisa umhlaba kuwenze ukuba uthele ,uhlume unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa . Liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami : aliyikubuyela ze kimi,lingakafezi lokho engikufunayo ,liphumelele kulokho engilithumele kukho .
Ngesikhathi izinto zenzeka emhlabeni ,kugujwa kuba nosaziwayo abahamba ko red carpet –futhi nangesikhathi izimpilo zethu zibukeka sengathi zisuka kwenye ingxaki ziye kwenye ,kuba nzima akunjalo ,ngisho ukuqala ukucabange kwakhona ukuthi ukhona nempela uNkulunkulu oluthando ,u-Nompempe ophethe wonke lomdlalo .Kahle hle kwabanye kuyinto ebukeka ingekho sanhlobo .
Nakimi kwakunjalo eminyakeni eminingi eyadlula .Umqondo womhlaba owonakele ngakolunye uhlangothi uNkulunkulu ogcwele uthando ,onamandla onke kwakubukeka kungumqondo ongqubuzana kakhulu kuyintshona nempumalanga kimi lokho .
Manje kungani ukuba singamniki yena mathupha uNkulunkulu ake azichaze ?
Isaya 55:8-11 “Ngokuba imicabango yami ayisiyo imicabango yenu nezindlela zenu azisizo izindlela zami,” Usho uJehova .Ngokuba njengamazulu ephakeme kunomhlaba,kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu nemicabango yami kunemicabango yenu .Ngokuba njengokwehla kwemvula neqhwa ezulwini ,kungabuyeli khona kepha kuwunethisa umhlaba kuwenze ukuba uthele ,uhlume unike ohlwanyelayo inhlwanyelo nodlayo isinkwa .
Liyakuba njalo izwi lami eliphuma emlonyeni wami : aliyikubuyela ze kimi,lingakafezi lokho engikufunayo ,liphumelele kulokho engilithumele kukho .
Asizithandi izivunguvungu kodwa ngeshwa ngaphandle kwazo asiyikuba nakho ukudla esizokudla .Futhi nakuba njalo njalo izindlela zikaNkulunkulu aziwukhandi umqondo ,mayekhuluma izinto ziyenzeka
.Angikutshele sihlobo sami mayekhuluma ezimpilweni zethu izinto ziyenzeka nebala !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.