Ukubuka Okusha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 12:29-31 UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu, iNkosi, yinye. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”
Yithi laba sesisosukwini lwesishiyagalolunye onyakeni wethu omusha .Izinto nebala seziqala ukuba ngokujwayelekile .Sonke sesibuyele enjikeleni yempilo ejwayelekile ,noma kuyini lokho okwenzayo nsukuzasa .
Kodwa ake ngikubuze ngakube ubuyele kulowomgqigqo wakho wanyekenye ukuthi izinto zizoba buthebelele zehluke kulonyaka?
Ngumcabango oletha ingcindezi lowo,akunjalo ? Baye bethi uchazo lomsangano ngukwenza into eyodwa ulokhu uyiphindaphinda ,kodwa ulindele umphumela ohlukile .
Kodwa eqinisweni iningi lethu siyacindezela ukuba lungenzeki uguquko .Kunesikali sokuzizwa unethezekile entweni osujwayele ukuyenza ,endleleni esesigxobe kuyo saze sayazi ngonyawo ngisho sicimezile phezu kokuba kungalethi mehluko lokho .
Ndlelana thizeni impilo yethu ichazwa ngokokuthi siphile kanjani saqhubeka senza into eyodwa ngokuhlukile kanjani ,kwabanye uguquko ngisho luluncane kanjani luchaza ukuthi abenzi kahle ngisho lungaluncane kanjani .
Ngakho ake ngikubuze awakho amehlo uwabeke kuphi njengokuba lonyaka omusha uqala uginqilika ?
Uzokubamba kanjani ukusondeze ukuneliseka empilweni yakho ,mhlawumbe osekube ngumuzwa obuligebe uzizwa ugengqeza esikhathini eside phambilini ?
Mhlampe sekuyisikhathi sokulola ukubuka kwakho manje ,uqale ubuyele ezisekelweni ubheke lokho okuyikhona khona okusemqoka .
Ake ngikubuze yikuphi okuyikho okusemqoka kuwe ? Yini le esemqoka kunakho konke empilweni yakho ?
NgokukaMarkhu 12:29-31 UJesu waphendula wathi: “Owokuqala ngowokuthi: ‘Yizwa, iNkosi uNkulunkulu wethu,
iNkosi, yinye. Woyithanda iNkosi, uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangayo yonke ingqondo yakho, nangawo onke amandla akho.’ Owesibili yilo: ‘Womthanda umakhelwame wakho njengalokhu uzithanda wena.’ Awukho omunye umyalo omkhulu kunale.”
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.