Ukujikela Amatshe ,Ukugeza Izinyawo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 13:1-5 Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
Ukuthanda abantu abangasithandi bona ,yaah akukho lula angithi ?Kahle hle umuzwa wethu wemvelo ngukubabuyisela ngezikhuni ezivuthayo njengokuba nabo besenzile . Futhi kulapho kanye kunodweshu olukhulu olungaka emhlabeni .
Ngesikhathi ngisengumfana,ngiyakhumbula mangilwa nabanye abafana esikoleni sasilwa size sijikijelane nagamatshe . Akukhona ukuziphatha okuhle lokho .Kodwa abanye bahamba nalowomoya baze bayofika nawo ebudaleni ,bajikejelane ngamatshe ngokwenhliziyo ezintweni abangavumelani ngazo .Ngena Jesu :
NgokukaJohane 13:1-5Kwathi ngaphambi komkhosi wePhasika uJesu azi ukuthi isikhathi sakhe sesifikile ukuba amuke kuleli zwe, aye kuYise, ebathandile abakhe abasezweni wabathanda kwaze kwaba sekupheleni. Sekudliwa, uSathane esekufake enhliziyweni kaJuda Iskariyothe kaSimoni ukuba amkhaphele, uJesu ekwazi ukut, uYise unikele konke ezandleni zakhe nokuthi wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuNkulunkulu, wasuka ekudleni, wabeka izingubo zakhe, wathabatha indwangu, wakhwica. Emva kwalokho wathela amanzi emcengezini, waqala ukugeza izinyawo zabafundi, wazesula ngendwangu abekhwice ngayo.
Into engihlaba umxhwele kulendaba kunakho konke okunye ngukuthi uJesu wageza ngisho izinyawo zika-Judas Iskariyothi ebe azi kahle uzomkhaphela .
#Bamba la : Kunzima ukujikijela umuntu ngamatshe uma ugobile umatasa ugeza umuntu izinyawo .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.