Ukungaboni Eqinisweni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 8:31-32 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
Ngakube sewake washisekela ukuba into ethile ibe liqiniso ngalendlela elangazelelayo, ngangokuthi ungenza noma yini ukuze kwenzeke lokho ? Kuyenzeka zikhathi zonke futhi sigcina singenile kuleyondlela ngokwenani elibiza thina .
U-Dr William McBride owabe engudokotela ovelele e –Australia kwezokudokotelwa kwabesifazane abakhulelwe nokubelethiseka , mumva le eminyakeni yo 1961, waba neqhaza eliqavile ekutholeni ikhambi elibizwa nge – thalidomide, elalinikwa abesifazane abazithwele , elalenza kube nezincaphephe ezimbi ekubeletheni kwabo . Wabe eliqhawe . Kodwa ngo 1989 watholakala enecala lokuqamba amanga ngezifundo zakhe zesayensi ngokukhohlisa ngemiphumela yocwaningo lwakhe yezobudokotela .
Isigungu sezobudokotela sathola ukuthi ,ake sicaphune ngokusho kwaso “U-Dr McBride uzama ukufihla inkohliso yakhe … kuyisimo esibi nesihlazisayo leso” Lokho kwabe kungukuqathaka okukhulu kuye . Into enjalo yenzeka kanjani ? Kuyenzeka ngoba sishisekela kakhulu ukwenza into ibe liqiniso ibe ingelona sanhlobo , ngakho siyawabalekela amaphuzu aliqiniso aphathekayo .
Futhi lokho uyakubona kwenzeka izigaba ngezigaba kuphindelela nakulezinsuku zokuphila kwethu , ikakhulukazi uma ngingathi kuleminyaka emibalwa esisuka kuyo mayelana ngegciwane leCOVID ,sibone amampunge ezinkoleloze eziningi ebeziqhumbuka ,lokho okugcine kwenza abantu abaningi balahlekelwa yizimpilo zabo ngokungenasidingo.
Inkinga ivela ngesikhathi uma abantu abahlakaniphile kakhulu befuna uku-prover into engumuzwa abasuke befuna ukuyikholwa , kungakhathalekile okuhluzekayo ngokuphathekayo kuthini khona
UJesu nokho ,kwesinye isimo wabeka nasi isimiso :
NgokukaJohane 8:31,32 Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”
Sithini lesisimiso ? Umelwe ukuqala ulazi iqiniso andukuba likukhulule .Ungawazibi amaphuzu aphathekayo .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..