Ukuthokozisa UNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 19:14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho ,Jehova Dwala lami noMhlengi wami.
Mhlawumbe ungumuntu ofuna ukuthokozisa uNkulunkulu ,kodwa[nginesiqiniseko usuke wakuqaphela lokhu] akuhlali kulula zikhathi zonke .Ngakho …pho usendlala kanjani isisekelo esiqinile ukukwazi ukuphumelela ukukwenza lokho ;ukuba impela ufinyelele ekuphileni impilo ethokozisa uNkulunkulu ?
Kaningi imvamisa ,inkambo yethu engeyinhle ,iyasiqhelisa ukubona okuwuqobo lwezinto lunjengoba lunjalo .Nguwe lowaya uzithola njalo uhlala uwela kulesosilingo esisodwa futhi uzizwe sengathi nguwe wedwa okulesikhisi .Ngakho ake sithole isambulo namhlanje ,asisho ukuthi awuwedwa .
Kuyenzeka kuwo wonke umuntu noma ngubani ozihlela ukumlandela uJesu .Kwake kwenzeka ku Phawuli umphostoli owake wabhala wathi
– Ngokuba engikwenzayo angikuqondi;ngokuba engikwenzayo akusikho lokho engikuthandayo ,kodwa lokho engikuzondayo yikho lokho engikwenzayo (KwabaseRoma 7:15)
Manje umbuzo ngukuthi pho sikuguqula kanjani lokho na ? Sima kanjani ukwenza ububi esibuzondayo qede bese siqale senze okuhle lokhu esikuthandayo ? Yebo hle hle kuqala ekujuleni kwezinhliziyo zethu .
Amahubo 19:14 Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho ,Jehova Dwala lami noMhlengi wami.
Izinto ozindla ngazo yizinto ogcina sewuzikhuluma sewuzenza .Ngakho sithola la umhubi eveza intshisekelo yakhe ejulile kuNkulunkulu ngemicabango yakhe namagama akhe ukuba amukeleke eNkosini uJehova ,oyiDwala lakhe noMhlengi wakhe .
Uvamise kangakanani ukukhuleka lowomkhuleko? Kukaningi kangakanani uthandaza kuNkulunkulu ,ebese ngoqobo lwakho lonke ukhuleke kuNkulunkulu ngalendlela na ?
Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho ,Jehova Dwala lami noMhlengi wami.
Mema uNkulunkulu ukukusiza ukuba uphile impilo engubuNkunkulu .
Isono singaba ngumzabalazo onzima impela kodwa angikutshele sihlobo sami ukuthi uNkulunkulu uhlose ukusinqoba sishabalale siphele sithi nya.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.