Ukuthula Nencithakalo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 26:3-6 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe.Thembani kuJehova kuze kube phakade,ngokuba uJehova ,yebo uJehova uyidwala elingunaphakade.Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu,umuzi ophakemeyo;uyawubhidliza ,uyawubhidliza kuze kube semhlabathini,awusondeze nasothulini. Unyawo luyakuwunyathela phansi ,izinyawo zabasweleyo,izinyathelo zabampofu.
Enye yezimpikiswano mayelana nobukhona bukaNkulunkulu onamandla onke nonothando lonke , ingenxa yalobuhlungu obuqhubeka benzeka emhlabeni . Ngakho ngokucacile kulempikiswano kuba ngukuthi akasithandi uNkulunkulu yikho engayimisi lenhlupheko kumbe akanamandla okuyimisa .
Uma ukukha phezulu kuzwakala kusekucabangeni kokuhlasela ubukhona bukaNkulunkulu. Kukanjani ukuthi uNkulunkulu wothando angavumela yonke lenhlupheko ? Futhi okwedlulele ngukuthi pho loNkulunkulu wothando angasehlulela kanjani ngomhla wokuphela qede asilahle esihogweni ?
Kodwa ake ubuke macala onke emhlabeni ububi obuqhubekayo , obukhandwa yilungelo lokuzikhethela uNkulunkulu asinika lona sonke ngamunye .
Futhi masisha ,khona maphakathi nalokho, uqobo lothando lukaNkulunkulu olunamandla emandleni akhe ekwahluleleni ngokushesha kuyawakha umqondo
Isaya 26:3-6 Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo,ngokuba yethemba kuwe.Thembani kuJehova kuze kube phakade,ngokuba uJehova ,yebo uJehova uyidwala elingunaphakade.Ngokuba uthobisile ababehlezi phezulu,umuzi ophakemeyo;uyawubhidliza ,uyawubhidliza kuze kube semhlabathini,awusondeze nasothulini.
Unyawo luyakuwunyathela phansi ,izinyawo zabasweleyo,izinyathelo zabampofu.
Uma ngeqiniso uNkulunkulu enguNkulunkulu ,kuchaza ukuthi konke lokhu kwenza umqondo kakhulu. Ukhona ukubanika ukuthula labo abamethembayo,ukuphepha labo abancika kuye .Futhi khona manjalo uzoletha incithakalo kwabaphakemeyo, kulabo abacindezela abampofu .Uyophendula yonke imisebenzi yabo ibe yimfithimfithi yamabibi ukuze bonke laba abathobile nabaphansi bagxobe phezu kwayo .
UNkulunkulu wothando.UNkulunkulu wobulungiswa .Onothando lonke .Onamandla onke .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..