Ukuthula …Noma Cha
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 57:19 Ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi : ukuthula ukuthula kuye okude nakuye oseduze” usho UJehova ; “ngiyakumphilisa.”
Iphuzu elimile ngukuthi umhlaba usempini. Eminyakeni embalwa edlule ngokocwaningo lwe Website ebizwa nge : OurWorldInData.org, cishe onyakeni ngamunye kube nezimpi ezingu 150 okuhlonywe kuzo izikhali .
Zibalo lezo zeminyakana embalwa edlule okungathi mawubheka ukuqhubeka kuza neno nakuba sesehlile lesosibalo kodwa asikho ngaphansi kuka 100!
Mumva nje i- Ukraine ne Middle East yiyo esematheni kodwa i-Africa ziyangqubuzana nakuyo – okuyinto ezokusakaza zasentshonalanga kumbe eziphethwe khona ezingakuvezi kakhulu .
Inhlupheko eqhubeka usuku nosuku ayikholakali .Inhlupheko yengane eyodwa iningi ngokwayo ,nokho okumangazayo zingamakhulu ezinkulungwane ezihluphekayo .
Isosha elilodwa elibulewe liningi lilodwa ,nokho sithola ukuthi maningi abulawa usuku nosuku ,thina sibe sizivukela kahle nje ekuseni kungonakele luthi ,sibhave ,sidle isidlo sasekuseni ,yithi labaya siziqhubekela nosuku ngokujwayelekile .
Kunyantisa igazi kunjalo kodwa iningi enye inhlupheko eqhubekayo eluntwini –ungqubuzano olujulile cishe wonke umuntu abhekana nalo kwezobudlelwane nomuntu ngamunye axhumene naye ,nkashana besabanga izingqinamba zosuku nosuku .
Pho ithini impendulo ? Ngena Nkulunkulu .
Isaya 57:19 Ngidala izithelo zezindebe zomlomo ngokuthi : ukuthula ukuthula kuye okude nakuye oseduze” usho UJehova ; “ngiyakumphilisa.”
UNkulunkulu ufuna ukuba ukuzwe ukuthula kwakhe .Ufuna ukukufundisa ukuphila ekuthuleni .U-Isaya uyaqhubeka evesini elilandelayo athi akukho ukuthula kulabo abaphehla udweshu lobubi .
Zenzele okuhle kakhulu .Hlukana nobubi empilweni yakho ,sondela kuNkulunkulu usuku nosuku ,mvumele akufundise igama elisha :ukuthula.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.