Ukuzihlanganisela Wena Akudingekile
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
2 EkaPhethru 1:3-4 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko
Kulezinsuku mawuthenga into eyi furniture usukwazi ukuyithenga igoqiwe i-flat okwakho sekuzomele uyixhume masusekhaya .Okuba ngumzukuzuku mawungenakho kahle ukulandelisisa kuxhunywa kanjani ,yimi ke lowo .
Idesk lase office engilisebenzisayo lafika kimi li-flat kwadingeka kuxhunywe konke nama drawer futhi lime ngendlela yedesk kungenjalo ngabe liwela kimi ,Ufice kune coffee table emi kahle kodwa nayo yafika kuyinto eflat ekhalibhothini engacaci izoma kanjani masisendlini .
Uma engekho lomuntu okusiza ngokuxhuma ekhaya noma emsebenzini kungagcina impela leli desk lizihlalele lisa flat khona lapho ekhalibhothini lalo .
Kubanjalo nakubantu abaningi bathola lendaba yokuzinikela nokuphilela uNkulunkulu kuyizingcucu zetafula kumbe ze desk elingaxhumeki ,ngakho bavese bakubeke le kude eceleni … kodwa ebese abanye .Kodwa nazi izindaba ezinhle:
2 EkaPhethru 1:3-4 Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe, esiphiwe ngakho izithembiso eziyigugu nezikhulukazi, ukuze ngazo nibe ngabahlanganyeli nesimo sobuNkulunkulu, nibalekele ukubhubha okusezweni ngezinkanuko
Awumelwe ngukuzixhumela wena lempilo ngokwakho .Lutho sanhlobo awufanelwe . Njengokuba amandla akhe obuNkulunkulu esinikile konke okuqondene nokuphila nokumesaba uNkulunkulu ngokumazi yena owasibiza ngenkazimulo nobuhle bakhe.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.