Ukuzizwa Umncane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 15:9,10 Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.
Ngiyakhumbula ngesikhathi ngizinikela kuJesu ngisemusha ,ngazizwa ngimncane uma ngiphakathi kwalaba bantu abangcwele engangiphakathi kwabo . Ngiyazibuza kaze wena awukaze uzizwe kanjalo?
Uyazi kunjani lokho .Ubuke abantu abakuzungezile qede uziqhathanise nabo . Yebo abanye babo abekho lula ,kodwa abanye babo kumnandi ukuba seduze kwabo be-smart ,bengcono kunathi .Kwesinye isikhathi kungakulethela ingcindezi yomqondo .
Ebese ukwenza izinto zedlulele ,nakhu sengiqhamuka mina ngiyimi nje ngizothi kuwe uNkulunkulu ulethe isipho sokuphila okuphakade kwamahhala uma ukholwa kuYe .Kodwa …
Ngakube mina ngimuhle ngokwanele ? Mhlampe cha .
Umphostoli Phawuli uphendula lowombuzo kanye ngesikhathi ekhuluma ngokuvuka kukaJesu nokuthi futhi labo abakholwa nguYe bayovuka sukulumbe ngokungunaphakade .Nakhu la asho khona :
1 KwabaseKhorinte 15:9,10 Ngokuba mina ngingomncinyane kubaphostoli, engingafanele ukuthiwa umphostoli, ngokuba ngazingela ibandla likaNkulunkulu. Kepha ngomusa kaNkulunkulu ngiyikho engiyikho, nomusa wakhe kimi awubanga yize, kodwa ngasebenza kakhulu kunabo bonke; kepha akusimina kodwa ngumusa kaNkulunkulu okimi.
Uphawuli wayezingela amakholwa .Wayemubi ,engomncinyane kunabo bonke abancinyane . Nokho sikuleminyaka engu 2000 sifunda khona kanye lokhu akubhala .
Uma ukholwa nguJesu unekusasa elingunaphakade . Ayikho into kwisemumva lakho engakwephuca lokho .Ngakho ake sithole nasi isambulo .Sekuyisikhathi sokulahla lokho kuzizwa ungomncane ongafanelwe lutho, amen?!
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.