... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungaholelwa Ophathe

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaJohane 3:7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile

Listen to the radio broadcast of

Ungaholelwa Ophathe


Download audio file

Ukuhlangana nabantu abasha empilweni ,nokuthola abangani abasha akulula kulezinsuku .Impilo seyiphenduke yamatasa kakhulu futhi yangaqondakala ngakolunye uhlangothi ,kwabaningi yebo banomzwangedwa ,bazibeke bodwana eceleni .Kodwa ungesabi i-technology inempendulo kulokho  .

Kuyamangaza ukuthi ama app akhuluma ngezothando asegcwele ayanyinyitheka ngabalandeli abangaphezu kwama billion futhi abanikazi bawo benza izindodla zemali ngalama platform ,kungani ?

Isizathu yingoba abantu abasha ikakhulukazi  sekugcine sekunzima kubo ukuxoxa nomuntu ophilayo babe namaxhama okuxhumana kunalokho bonke abantu nomakhelwane bakhe ku online konke .

Mhlawumbe yingoba kulezinsuku iningi labo lisebenzisa impilo yalo eningi ikhanda lithe shi kwi cellphone screen linganyakazi kuso .

Noma kungasiphi isizathu bekwenza lokho .Kuyamangaza ngoba nasebandleni esikhundleni sokuba nezikhathi zokuxoxa nabazalwane ubuso nobuso kunalokho  bonke abantu umzalwane akhuluma nabo ngaba online kuphela ngisho bengekho kude phesheya kolwandle . Inkinga ngalokhu ngukuthu soze wazi ukuthi yini ozoyithola .

Inkinga ngobungani obu online ngukuthi ugcina  usungumngani nomuntu mhlawumbe inkambiso yakho eqhele ngamalengiso kweyakhe .

Lokho kungengebe online kuphela kodwa nasempilweni uqobo kuyenzeka ,okugcina kunemiphumela ehlasimulisayo ,ngakho nanti izwi lesexwayiso  :

1 EkaJohane  3:7 Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba yena elungile

Umshumayeli weminyaka yama 1700 u- Thomas Brooks  wake wathi  mababe ngabangani bakho abakhulu labo abenze uKhrestu waba ngumngane wabo omkhulu .

Ngamanye amazwi bakhethe kahle abangane bakho .Khetha labo abagcwele uKhrestu ukuze niphilisane kahle .

Bantwanyana, maningadukiswa muntu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy