UNkulunkulu Akawaqambi Amanga
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KuMaHebheru 6:18 Ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo.
Kunento eyodwa kulomhlaba esingama kuyo .Noma ngabe izivunguvungu zakulomhlaba zisilethelani ,noma zidine zigane inwabu kanjani ,sihlala njalo sinesiqiniseko ngomhlabathi esimi kuwo kuze kube usuyaqala uyazama zama .
Zinto zini ozithatha kancane empilweni yakho ,inhlabathi eqinile ezinyaweni zakho ? Umndeni wakho ,ikhaya lakho ,icareer yakho …izinto owaziyo ngeke zazamazama ?
Futhi nokho uye ungafuni ukucabanga ngalokho kodwa uyazi ukuthi lezozinto ngazinye ziyodlula lusuku lumbe .
Enye into engiyithatha ngokuqinile njengabanye yile yokuthembeka kukaNkulunkulu .Phela khumbula futhi ukuthi nginguMshumayeli!
Kodwa sewake waqaphela ukuthi lokho kuzamazama kanjani uma usesimweni esinzima esingacaci kuzokwenzekani ,lakhona ukwesaba kungathathi notice ukholo lwakho lakhona leyoncithakalo oyibone iza iphenduka ukungazi ekaze iyozala nkomoni?
Ngakho namhlanje mhlampe ukuzibheka nokuzihlola okudingekile ;iZwi lamandla elidingekile nezwi lenkuthazo:
KuMaHebheru 6:18 Ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo.
Futhi lokhu nebala …yingakho ngithemba ngincika kakhulu eZwini likaNkulunkulu iBhayibheli .
Ngoba uma uNkulunkulu esho utho luyiqiniso .Soze aqamba amanga .Ngakho sihlobo sami ngiyakukhuthaza ,gijimela kuye uphephe ,bambelela ethembeni esilimiselweyo okungelakho nawe .Ngoba ….
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.