... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Yiphutha Likabani Leli ?

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 19:3 Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova .

Ngizenzile izinto eziningi ezingubuwula empilweni yami .Nawe futhi ,angithi ? Siye sifise sengathi singaqala phansi siyolungisa singakwenzi kube yinto engekho sanhlobo kwi slate sokuphila kwethu …kodwa ngeshwa asikwazi . Futhi kungenzeka ukuthi njengamanje ubhekene nokuphila imiphumela yalezozenzo .

Sonke siyakuzonda ukubhekana namaphutha ethu ,sibhekene nokuthi sasi wrong esakwenza ;sesibona ukuthi izenzo zethu kwasibangela ubuhlungu kungeyithi sodwa kodwa ngisho nakwabanye abantu . ‘Ngaba wrong’ ngamagama anzima ukuwavuma lawo kithi ,ngingasayiphathi eyokuwasho kwabanye abantu .

Kulula ukubeka icala komunye ,pho kungabuye kube ngubani makungeseyena uNkulunkulu kwazise phela usemagunyeni akho konke,angithi  ? Nkosi kungani wakuvumela lokhu kwenzeke ? Kungani ungangixwayisanga kusekude ? Wangivumela kanjani ngishaye udaka olunje ?

Kuyawakha umqondo ophelele.Yingakho abantu bemsola ngezehlo ezibehlele  (ngisho kancane nje ,ngisho ngokubuza uhlobo lwemibuzo enjengalona ) .Ngakho ake sifake inhlakanipho kaNkulunkulu ngawowonke  lomdlalo wokusolana .

Izaga  19:3 Ubuwula bomuntu buchitha indlela yakhe kepha inhliziyo yakhe iyamthukuthelela uJehova .

Kumbe uma uthanda ukulandela ulimi lwesiHebheru okuyilo elingumsuka ngqo  … Uma ubuwula bomuntu buletha incithakalo endleleni yakhe ,inhliziyo yakhe idinelwa uJehova  

Yazi ukuthini uNkulunkulu uhleli kahle esihlalweni sakhe sobukhosi akanyakaziswa muntu ngakho akezukuncinzeka masilokhu ukusola sikubhekisa kuYe .Futhi okuthi uma  ekugcineni sesifikile ezingqondweni zethu ,uyosithethelela ngoba uthembekile .Kodwa ake sithole isambulo la ,ake sibuyele ezingqondweni zethu ngisho ngaphambi kokuba siye lapho  

Imiphumelo yezinto ezingubuwula esizenzayo akulona icala lakhe .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.