... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Zenze Ube Msulwa

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 7:1 Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya,siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

UNkulunkulu wenze izethembiso ezinamandla kulabo ababeke ithemba labo kuJesu .Uthembise ukuthi uzoba nguNkulunkulu wethu qede thina sibe ngabantu baKhe ;ukuthi uzohlala phakathi kwethu .Konke kusuka ekujuleni kwenhliziyo yakhe ukuthi abe ngosondele kithina .

Kuhle kakhulu ukukwazi lokho … ngesikhathi uzizwa uzikile uphansi le ,uzizwa sengathi akekho umuntu okuqondayo obhekene nakho ,ukwazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukusondela kuwe kuyisimangaliso esikhulu leso .Yeka induduzo engaka !

Kodwa manje uphendula ndlelani kulesisethembiso ? Uphila ndlelani ngendlela eyazisa ,ehlonipha ,nencike kulesisethembiso ?  UPhawuli umphostoli wawuphendula lowombuzo kanye ngamhla ebhalela iBandla laseKhorinte :  

2 KwabaseKhorinte  7:1 Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya,siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

Ubumsulwa yinto sonke esiyilangazelelayo .Igolide elimsulwa .Uthando olumsulwa .Umnikelo omsulwa. Lobubumsulwa ukuba luqobo lwempela kuyinto ehehanayo kimi nawe ikakhulukazi uNkulunkulu ? Siphendule kanjani othandweni lukaNkulunkulu ?   Ngokungenzi konke okwenza umoya nomzimba wethu ube ngongcolile .

Ngingake ngikubuze namhlanje ngokwethembeka ,yini elokhu ibusa intshisekelo yengaphakathi lakho ,imicabango yakho onayo ,thombe zini ezidlala emqondweni wakho ,izenzo zakho owazi kahle kamhlophe ukuthi zigqwalisa ubuNkulunkulu kuwe  lobo kanye uNkulunkulu obungumsulwa abushisekelayo ngawe?  Ngicela ukusho kuwe ngenhliziyo yami yonke ,kukhiphe kuwe .Ngoba … Lokhu sinalezo zithembiso, bathandwa, masizihlambulule ekungcoleni konke kwenyama nokomoya,siphelelise ubungcwele ngokumesaba uNkulunkulu.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.