Akalothi Sanhlobo,Aphele Amandla
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isililo 3:22,23 Ngokuba ububele baKhe[Ujehova] abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.
Impilo ayihlali ihamba ngendlela esiyihlele ngayo .Eyy mangase kuthiwe nje,bekungenjalo? Kodwa kunjalo khona.Kwesinye isikhathi isizathu salokho ngukuthi sinhlanhlathile ngokwethu ,samshiya uNkulunkulu.Kumbe asithi okungenani okuthi uma sesibuya ezingqondweni zethu ,yilokho kanye esiba nesithombe sakho ngengqondo.
Phambilini uzakwethu wake wathola i-email ivela kumngani wakhe omdala wasesikoleni,iqhamuka engayilindele.Kahle hle lomngani nguye owamholela kuKhrestu eminyakeni engu 40 edlule ,babesebaleni lesikole .
Kule –email umxoxela ngokokuthi ukuthi usekhule kangakanani,okugcine kwamenza waqhela eNkosini ,okuncimishi njengaye lozakwethu okwamehlela .Yilokho kanye okwenzekayo uma leyantshisekelo yasebusheni isibishiswe yiminako yasebudaleni ,lipholela ezandleni ivangeli.
Kodwa uyaqhubeka lomngani abhale athi ,uhambe wahamba wabhekana nenkinga enkulu empilweni ,okuthe ngokumangala wathola ukuthi ,uJesu ubemile emlindile ngesineke ,kuso sonke lesisimo.Okuncimishi njengokuba kwenzeka kulozakwethu.
Ngithe uma ngicabanga ukufana kweziga zikazakwethu nomngani wakhe ,qede kwafika lelivesi elimnandi :
Isililo 3:22,23 Ngokuba ububele baKhe[Ujehova] abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.
Kuliqiniso ,ngoba impilo iyafika lakhona imnyama futhi ifithizela .Futhi uma lokho kwenzeka esikhathini lakhona simhlubukile uNkulunkulu ,samshiya sajaha izinto zalomhlaba …isimo sivese sibe nzima ngokuphindaphjindiwe .
Sifika ekuboneni ukuthi sikuleyondawo emnyama uma singenaye uNkulunkulu.Nokho okungenani yilokho esikucabangayo.Kodwa uma kungukuthi kuyokwenzeka uzithole ukuleyondawo ,khumbula lokhu :
Ngokuba ububele baKhe[uJehova] abupheli.Busha ekuseni njalo,ukuthembeka kwakho kukhulu.
Akapheli amandla.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..