... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Amandla Enhliziyo Yakho

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 73:25,26 Nginobani ezulwini na? Uma ngingenawe ,angifuni lutho emhlabeni .Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela nokho uNkulunkulu ulidwala lenhliziyo yami,nesabelo sami kuze kube phakade.

Listen to the radio broadcast of

Amandla Enhliziyo Yakho


Download audio file

Uphawu olunqala lokukhula yila khona sincipha ukuthemba oqobweni lwethu .Angikhulumi ngomuzwa we -low self esteem,kodwa ngokubhekana nobuqu bobuthaka nokuntengantenga kwethu .

Kuyinhlakanipho kunguqina kokhakhayi ukufika kulesosigaba .

Angazi wena wawunjani ,kodwa mina nkathi ngisemncane nganginokuzitshela ngiwugqonqi  i-bullet proof uqobo lwayo  umvula zinetha zigingqilike  ngapha nangapha .

Ebusheni ushaya imoto ku freeway indize emoyeni ngokokungathi yibhanoyi futhi leli elingaphahlaki .

Yinto le othi masubuka emumva umangale ukuthi hawu ngempela kungani usaphila wasinda kanjani kulobobuwula bobungane empilweni.

Uma sisebancane sihlale sazi ukuthi siyibambe ngakho .Siyakholelwa kithi  .Okuthi uma sikhula ,okuyosona sikole sempilo leso ,siyaqala sizibone ukuthi hhayi bo akukho bulletproof le esithi siyiyona ,lokho sikubona mase sibhekana nobuthaka bempilo nezehlo ezehlela uluntu lonke zingakhethi bala .

Futhi lokho kuyinto enhle ,kwehlisa ithika kithi .Kuqeda ukuziphakamisa bese kuyasithobisa .Kusifundisa ukuthi ngeke sikwazi ukuyihamba nokuyiphila sisodwa lempilo ,asikwazi ukuthemba emandleni ethu wodwa .

Kubukeka sengathi umbhali weHubo watholana amanqamu nalomongo empilweni yakhe :

Ihubo  73:25,26 Nginobani ezulwini na? Uma ngingenawe ,angifuni lutho emhlabeni .Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela nokho uNkulunkulu ulidwala lenhliziyo  yami,nesabelo sami kuze kube phakade.

Yebo nebala inhliziyo nenyama yethu kuyaphela ,futhi lokho yizinto esizifunda ngesikhathi sikhula siqina empilweni .

Kodwa okukhazimulayo kulokho  ngukuthi uNkulunkulu ngami nawe ,ngomusa wakhe ,ngothando lwakhe olukhulu ngami nawe  ,engaba yiDwala lenhliziyo yethu nesabelo sethu kuze kube phakade .Ungaluhambi wedwa uhambo lwempilo .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy