Amandla Ezolo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isaya 43:18,19 Ningakhumbuli izinto zakuqala ,ningazindli ngezindaba zasendulo .Bhekani ngiyakwenza okusha.kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.
Kubantu abaningi izolo labo yilo elisabagomoshele futhi libacekela phansi imanje labo ,liphinde libaphuca ikusasa labo.Yebo nebala izinto ezakudangalisa zezolo lakho zinamandla okwenza lokho.Kodwa ngikholwa ngukuthi namhlanje uNkulunkulu ufuna ukukhulula kokwadangalisa kwakuphoxa kwizolo lakho ngamandla eZwi laKhe ,amen [kunjalo]?
Ngicela ukukubuza ukuthi yini into eyodwa kwizolo lakho ofisa sengathi ayenzekaka? Leyonto eyodwa qhwaba ,okungathiwa uma ubunganamandla okuhlehlisa ikhalenda ,ubuyovese uyigudluze ,uyenze kangcono ngokuhlukile ,leyonto eyodwa nje ?
Futhi ,ngicela uthembeke kuwe sihlobo sami ,leyonto eyodwa isanompele kangakanani empilweni yakho ingafuni ukusuka ? Kwabaningi impendulo kulowombuzo ,ingumcabango onzima oletha uvalo.
Ukudangala nokuzisola kungumuzwa wokuphoxeka entweni eyenzeka ,mhlawumbe eyenziwa nguwe kumbe owehluleka ukuyenza okwakumele uyenze .
Bekunganjani mangase kuthiwe ubungakhululeka kulokhokudangala nokuzisola? Ungathini makuthiwa uNkulunkulu ubengakhuluma iZwi elinamandla enhliziyweni yakho namhlanje ,ukukhulula ngokwakudangalisa phambilini ? Ngoba phela sihlobo sami ,yilokho kanye afuna ukukwenza .
Isaya 43:18,19 Ningakhumbuli izinto zakuqala ,ningazindli ngezindaba zasendulo .Bhekani ngiyakwenza okusha.Kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi.
UNkulunkulu usemsebenzini wokusula i-slate sakho sibe clean .KuKhrestu isemumva nezolo lakho alinamandla phezu kwakho.Futhi akasisuli nje ukuba sibe clean ,kodwa usesulela ukwenza into entsha kuso.
Bhekani ngiyakwenza okusha.kuyakuqhamuka manje,angithi niyakwazi na? Yebo ngiyakwenza indlela ehlane nemifula kwahlongasibi. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..