Amandla Okholo
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMarkhu 5:28-34 Ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe, ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe. Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?” Abafundi bakhe bathi kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho. Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
Uma uphila emhlabeni obeka inani elikhulu ekutheni ubukeka kanjani ,izinga lakho lokuphila [status] kunye nempumelelo,kuvese kube lule ukucabanga ukuthi uNkulunkulu ngeke abe nesikhathi sokunakana nathi ngenxa yokuthi umatasa nalabo abenenani elikhulu kuYe kunathi .
Yebo nebala kulula ukuba nomqondo ongesiwo ngoNkulunkulu ,sicabange ukuthi naye ucabanga njengabantu bonke bakulomhlaba!
Ngakho ake sibuyele kuJesu futhi ,siqhubeke simbuke elandelwa yizixuku ,omunye okulezixuku yilowo wesifazane ,lowo ongahlambulukile ,lowo kanye ongobekwe eceleni ngokwasemphakathini ,lowo kanye esingazange satshelwa ngisho negama lakhe.Kodwa wayezwile ngalo Jesu ophulukisanayo.Manje-ke yini obengalahlekelwa yiwo emva kweminyaka engu 12 yobuhlungu nokuhlupheka?
NgokukaMarkhu 5:28-34 Ngokuba wathi: “Uma ngingathinta nje izingubo zakhe,
ngizakusindiswa.” Kwanqamuka masinyane umthombo wegazi lakhe, wezwa emzimbeni ukuthi uphulukile enhluphekweni yakhe.
Wanele ukuzwa uJesu phakathi kwakhe ukuthi amandla aphumile kuye, waphendukela esixukwini, wathi: “Ngubani othinte izingubo zami na?”
Abafundi bakhe bathi
kuye: “Uyabona isixuku sikucindezela, usuthi: ‘Ngubani ongithintileyo na?’ ” Waqalaza ukuba ambone owenzile lokho.
Khona owesifazane esaba ethuthumela, azi okwenzekile kuye, weza waziphonsa phansi phambi kwakhe, wamtshela iqiniso lonke. Wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba ube nokuthula; usuphulukile enhluphekweni yakho.”
Kucabange lokhu ukuthi .Ukholo lwakhe lwakwazi ukubamba amandla kaJesu ,kungakhathalekile izinga abe eyilona ngokwabantu [status].
Ungalokothi uzitshele ukuthi uJesu akanasikhathi sakho ,ukuthi akanakho ukuzikhathaza ngabantu abanjengawe .Into emthintayo imshukumbise akusona istatus noma isikhundla ,kodwa wukholo onalo phaqa .Ukholo lwakho.
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.