Amehlo Akho Mawathi Njo Emklomelweni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 KwabaseKhorinte 9:24-27 Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya. Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
Angiyena umuntu ongushampeni kwezemidlalo kodwa ngiyazipha ithuba ngibuke ezemidlalo . Ngo-January nonyaka ,intokazi encane u- Ash Barty, waba ngowokuqala ongum-Australia ukuwina i- Australian Open Grand Slam tennis tournament.
Njengokuba ungazicabangela ,izwe lonke lase-Australia laliduma ngumgqumo wenjabulo ngesikhathi lentokazi iphakamisa phezu kwekhanda layo leyondebe yeSiliva enkulu ! Manje uyintokazi ethobekile ,enomusa ,ebheke phansi ,engenamempiphiko empigogo.Kodwa kukancane ngibe sethubeni lokubona umuntu okwazi ukuwathi njo amehlo akhe engaphazamiseki ngaphandle kwalentokazi eneminyaka engu 24.
1 KwabaseKhorinte 9:24-27Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo?
Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya.
Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.
Ngeke impela uyiwine i- Grand Slam tournament. Nami futhi cha angiziboni ! Futhi yebo ,angisho ukuthi kunomklomelo omkhulu uma sibeke ithemba lethu kuJesu ukusisindisa . Kodwa ngeke uvese uqhamuke sewuwina lomklomelo wangunaphakade uma ungumalovane empilweni uyisehlasenyuka iguzu lamalahle lingcono lona lisuke lisebenza , njengokuba engekho nomdlali ongawina i- Grand Slam ngokungabi nandaba ngoqeqesho lwakhe ,eze mayethanda ,amen?
Amehlo mawathi njo! Ebheke ngqo emklomelweni omkhulu, engalokothi ngisho athi cwayi cwayi !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..