... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Eduze Nakude

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Ihubo 73:27,28 Ngokuba bheka abakude nawe bayakubhubha ,uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga .Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu ,ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami ,ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho .

Listen to the radio broadcast of

Eduze Nakude


Download audio file

Izimoto ezihamba ngogesi zibukeka zifuna ukungenisa .Kuhle lokho ,kodwa mina engike ngibhekane nomsindo othi ti ti ti wokuphela kwe-battery efonini,lokho kwenza ngibe novalo oluncane .Kuwe ?

Yebo nebala ukuphelelwa ngamandla kagesi emotweni kagesi ukude nohambo kuyisehlo esifana ncimishi nesokuphelelwa ngu petrol uphakathi nomgwaqo .

Zombili zifikelwa ngukujama ndlelanye .Uma ulokhu uqhela nala othola khona ugesi wokuyi charger lemoto uzozithola usumile emgwaqweni  .

Lokho kuyiqiniso nangempilo .Izolo sikhulume ngokuthi mawukhula uyaqala wehlise ukuncika ekuzethembeni ,ngesikhathi sikhula ekuqapheleni ubuthaka bethu .

Inyama nenhliziyo yethu kuyophela amandla kodwa uNkulunkulu  uyoba ngamandla enhliziyo yethu nesabelo sethu ingunaphakade .

Zindaba ezinhle  lezo .Ezimoyizelisa umlomo  kodwa akunakwenzeka lokhu uma uhamba ugcine sewuqhele kakhulu nalamandla nalogesi nalo petrol station :

Ihubo  73:27,28 Ngokuba bheka abakude nawe bayakubhubha ,uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga .Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu ,ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami  ,ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho .

Abaningi   abazibiza ngamakholwa bagcina sebeqhele kakhulu kuloNkulunkulu abamkholwayo uqobo .

Mhlawumbe nawe shlobo sami ukulesosimo sokuqhela kuye .Uma kunjalo ngakho yazi lokhu . Ngokuba bheka abakude nawe bayakubhubha ,uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe

Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu ,ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami  ,ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho .

Hambela eduze noNkulunkulu ungagqwegqwi .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy