Gijima Umjaho
Add to FavouritesKuMaHebheru 12:1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo
Kunezikhathi kithi sonke ngamunye la esiye sifise sengathi singaphonsa ithawula .Kungaba semshadweni wakho ,emsebenzini kumbe ohambweni lwakho lokholo .Awuwedwa kulokhu .Esigabeni esithile sonke siyafikelwa ngukudela silahle,njengembongolo evese ilahle umthwalo mayisikhathele .
Ngingakhuluma la ngqo ngozakwethu uBerni ? Uthi ezinyangeni ezimbili nengxenye ezedlule ,ubehlanganisa iminyaka engu 65 – kwelakubo yiminyaka yomhlalaphansi .Okuthi dukuduku umuzwa ‘womhlalaphansi’ ulokhu ukhuluma emzimbeni wakhe.
Ezibuza ukuthi ngakube uyakudinga ngempela ukuqhubeka esebenza kanzima kangaka ? Kungani angavesi ayophumula ngoba iminyaka isho njalo ?
Kodwa zikhathi zonke uNkulunkulu umkhumbuza ngabantu abanjengawe kanye ,abadinga uJesu .Baningi abazabalaza kanzima .
Baningi abadukisiwe ezindleleni zabo zezwe. Baningi abasamelwe ngukuzwa ngothando olusindisayo lukaJesu Khrestu .
Yikuphi uNkulunkulu akubeke phambi kwakho ? Mjaho muni akubekele ukuba uwugijime? Futhi kunini la osanda kugcina khona ulingwa ngokudela uyeke manje ?
KuMaHebheru 12:1 Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo
Cabanga lokhu ,umjaho awuyona into eyayenzelwe ukuba lula .Kodwa lokho akukhona ukuzithethelela kokuthi uphonse ithawula .
Bheka labo abahambe ngaphambi kwakho ,labo abakuzungezile ,lawomaqhawe okholo owaziyo ,aqhubekayo egijima umjaho wawo phezu kwakho konke okukhona .Gqugquzeleka ngabo .
Futhi nebala mtakababa gudluza izinto empilweni yakho ezenza ugijime kancane .Isono esibambanayo.Gijima umjaho wakho .Ungayeki ungadeli .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.