I-risk Yokucabanga Kweqe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Izaga 3:5,6 Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ,ungenciki kokwakho ukuqonda .Mazise Yena ezindleleni zakho zonke ,uyakuqondisa imikhondo yakho.
Ngokumbumbuzelwa ngolwazi oluningi kweqe nolonuye olungamampunge kulezinsuku ,asikho nebala isikhathi esedlula lesi okumele umuntu acabangisise kahle akwazi ukuhlunga ,kusemqoka kakhulu kulesikhathi .Nokho kune –risk futhi yokucabanga kweqe .
Ngendlela engakheke ngayo ,ngingumcabangi ohlaziyisisayo.Umqondo ophusile ungumngani wami .Futhi sikhulumile ngalokho izolo ,lesidingo sokuhlaziya amaphuzu ufake esikalini iqiniso uthole ubuqiniso bempela beqiniso ,kulezinsuku esikuso kushubile ,sivuvuzelwa izinkulumo eziningi ngenhloso okusuke siqanjelwa amanga emini libalele ,mawunganakile ukholwa yikho konke kanti sekunanetemu elithi “fake news” izindaba ezingamampunge .
Nokho nakuba sizitshela sikhaliphile mina nawe ,kodwa asinawo wonke amagalelo okukwazi ukuzihlungisiza zonke izindaba eziza kithi zihlungeke ngokuphelele zonke .Ngine-app yezindaba kwi mobile device yami ekwazi ukungitshela izindaba ezivela kumaziko engingawathemba emhlabeni wonke .
Kodwa emva kwemizuzu engu 15 noma engu 20 ‘wokuthola izindaba’ , kodwa ngiye ngisale ngibambe ongenzansi ukubona konke lokhu okwenzeka emhlabeni .
Futhi lokho kuliqiniso nakithi ngomuntu ngamunye .Kwesinye isikhathi amaphuzu ayiwo ayasengama .Sifise ukucabanga siphume kanjani kulesosimo esikuso ,kodwa asibonakali sinamandla okukwenza lokho .
Manje pho ithini impendulo? Ake sibuyele emumva .
Izaga 3:5,6 Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho ,ungenciki kokwakho ukuqonda .Mazise Yena ezindleleni zakho zonke ,uyakuqondisa imikhondo yakho.
Ngamanye amazwi ,yima ukucabanga kweqe ngezinto,ngoba ngesikhathi uzama ukukucabanga konke ngokwakho kungaphezu kwakho lokho,kuchitha isikhathi.Okwedlulele kunalokho ukuthi ekukucabangeni kweqe lokho okuhlaziyisisayo okukuthathile kungagcina kuletha ingcindezi ngokwakho .
Kunalokho ,themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho .Ezindleleni zakho zonke mazise Yena ,mhloniphe ,mlalele ,mkhonze futhi uyoziqondisa Yena izinto .
Lakhona impilo ididana ,buyela emumva ezisekelweni .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..