... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Imicabango Elawulanayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Izaga 9:10 Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova ,nokumazi oNgcwele kungukuqonda .

Ngabe ukwesaba ngumuzwa esiwuthokozelayo  ? Lutho sanhlobo! Kahle hle uma bekuya ngathi ngabe  besowugegela  okwelanga lasebusika sihambele kude nakho .Kodwa kwesinye isikhathi ,imizwa nengqondo yethu kusiholela khona kanye ekwesabeni la kukhona .

Miningi imiqondo ,imibono ehlukahlukene kulokhukuphila esithulelwa yona ngezindlela ezehlukene , eminye yayo ingamaphutha eminye inobungozi ,kodwa ikhona isabalele injalo.

Ekwandeni kwama channel ezokuxhumana ngezinhlobo zawo ehlukahlukene kulokhu kuvela lokhu nalokhu okuza nomqondo wokusikhuthuza  abanye abantu bagcine beholeleka ophathe yimicabango yasemhlabeni  egcina isibalawula .

Futhi lololawulo luholela entweni eyodwa luholela ekwesabeni .Lowomuzwa wenhliziyo kanye lo esifisa nga siwubalekela ndlela zonke ezimpilweni zethu  .Ngakho ithini impendulo ? Yiliphi ikhambi lalesisifo esiyisimbelambela  esingukwesaba  abantu abaningi abaphila naso?

Izaga  9:10 Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova ,nokumazi oNgcwele kungukuqonda .

Okudingwa yimi nawe kulomhloba esikuwo lakhona kunemiqondo nemimbono engahloliwe  elokhu iqhamuka memfu singalindelele izosikeqa ,siding  inhlakanipho kaNkulunkulu .Inhlakanipho kaNkulunkulu emsulwa ,eliqiniso neluthando .

Lenhlakanipho siyithola  ngokwesaba  (lokho kuchaza ukuhlonipha nokunika uNkulunkulu iqholo) izindlela zaKhe ,iziyalelo zakhe ,amazwi akhe phezu kwalokho kwakulomhlaba okubiza ngenhlakanipho  .

Lokho akuhlali  kulula .Ngoba imiqondo ,nemicabango-zinqubo  nezimfundiso zakulomhlaba ziza busululu kithi ,zisitshela ukuthi ziwushukela kodwa mawuke wazinambitha wazigwinya qede zibabe okwenhlaba .Njengokuba u-Charles Spurgeon wake wathi ,lowo owesaba uNkulunkulu akukho lutho olunye okumele alusabe  .

Ukuqala kokuhlakanipha kungukumesaba uJehova ,nokumazi oNgcwele kungukuqonda .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.