Inkuthazo KaNkulunkulu
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba
Akekho kithi othandayo mase izinto ziqina empilweni.Sonke sakheke ngokuthanda konke kube buthebelele.Ngakho uma sesisondele kulesosikhathi sobuhlungu ,kukhona esikudingayo kuleyongxaki .Into enamandla ukwakha kithi ukuphikelela ngesineke ngokubekezela.
Izolo ngixoxe ngokuphikelela ngesineke futhi ngaphinde ngasho ukuthi anginkamunkamu nokugijima .Uzakwethu uthi uye akhumbule esesemasosheni avese ezwa inhliziyo iba ncane uma ekhumbula babelolongwa kanjani ngokugijima kanzima ubelethe ubucker wamasosha osindayo ,wumjojantaba wesibhamu ,amabhodlela amanzi agcwele ,ngalowomzuzu kwakumele bagijime 9 miles okuyibanga elide kakhulu.Uthi ngisho namanje kuvese kube sengathi yinto le ebiyenzeka izolo, ngendlela e fresh ngayo engqondweni ,nakuba sekwaphela 40 wonke weminyaka .
Uthi kunezinsuku lakhona ,owayeke alingeke ukuvese aphonse ithawula kodwa ukugqugquzelwa ngozakwabo yikho okwakumenza akwazi ukuphikelela noma esezidonsa.Amagama anobumnene ababewasho bethi ,sizogcina sifikile ekugcineni.
Ukukhuthazwa uma ukubheka kahle kungukhiye wesinongo sokwakha ukuphikelela .
KwabaseRoma 15:4 Ngokuba konke okwalotshwa ngaphambili kwalotshelwa ukufundiswa kwethu, ukuze ngokubekezela nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba
IZwi likaNkulunkuli linamandla ,kodwa kulezokhathi ezinzima ,lingezwakala lisinda lakhona sibheke nobuhlungu.Iphuzu lapha lisekutheni ngesikhathi siduduleka sifuzula ,kwakheka kithi ukuphikelela ,siba ngaba namandla kakhulu kunakuqala,sibe ngabanganyakaziswa ,siqine njengedwala okholweni lwethu kuYe .
Futhi lokho ,okuholela ethembeni,uhlobo lwethemba elingakhathali,elingaphoxani.Kodwa manje kungani abantu bazitshele ukuthi bangakwazi ukukwenza lokhu ngaphandle kokukhuthazwa nguNkulunkulu,ngaphandle kokukhuthazwa yizibhalo ,lokho kuye kungimangalise impela.
… ukuze ngokubekezela[ngokuphikelela ngesineke] nangenduduzo yemibhalo sibe nethemba Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..