Inzuzo Yokubalekela Okubi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 97:10-12 Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo,uyabasindisa ezandleni zababi. Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.Jabulani kuJehova nina balungileyo,nibonge igama laKhe elingcwele .
Kunezinhla ezibili zokubheka izinto empilweni ngokuneqhaza ekukwenzeni . Olokuqala uhlangothi ,yila khona abantu bezinikela ngokugodliwe bengakwenzi ngezinhliziyo eziphelele –lolu lwenziwa ngabaningi . Uhlangothi lwesibili ,yilolu oluthathwa yizihlabani izingqwele uqobo lwazo ,yilakhona umuntu ezinikela ngoqobo lwakhe luphelele ekwenzeni into .
Futhi uma kungukuthi lowomehluko ungena kuyo yonke into empilweni – umshado ,ubuzali,ezokusebenza noma yini enye – nakanjani kushukuthi ziyangena nakumuntu olandela uJesu lezinhlangothi zobili.
Ngeshwa ,uma abaningi benza lezinqumo ,bashoshela kulengxenye yokuzinikela ube uthe gongo umzimba futhi . Umqondo wabo uhlala ungokuthi “yini engizoyithola la?” “yini engizoyizuza? ” esikhundleni sokuthi “ yini engingayinikela la?” ,yini engingayenzela uNkulunkulu ngokuzinikela ?
Ngokungabazi ngazi kahle loluhlobo lokukhetha ulwazi kahle nawe Mlaleli. Yebo nakuba impela uNkulunkulu kunguYe osinika ukuzikhethela kodwa kucacile ukuthi yikuphi afuna sikukhethe:
Amahubo 97:10-12 Nina enithanda uJehova zondani okubi;uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo,uyabasindisa ezandleni zababi.
Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.Jabulani kuJehova nina balungileyo! Nibonge igama laKhe elingcwele !
Uma silokhu sishoshela ekuzinikeleni sakuzigodla kuJesu ,kungabi sikhathi esitheni lowomqondo ugcina uholelana ebubini , sigcine sesingungwe yilolonke uhlobo lwababi eduze kwethu .
Kodwa uma sithatha uhlangothi lwezihlabani sihlale sizibuza ukuthi yini konje esinganikela ngayo senze kangcono ekumkhonzeni uNkulunkulu ngezimpilo zethu , uma sibalekela okumbi ,uma sikuzonda … masisha singalindele kuvese kube nenzuso eyinkokhelo enhle esisuke singayilindlele :
Uyagcina imiphefumulo yabamkhonzayo,uyabasindisa ezandleni zababi.
Ukukhanya kuhlwanyelelwe olungileyo,ukujabula kuhlwanyelelwe abanhliziyo ziqotho.
#Bamba lokhu ngoqobo lwakho : Zonda ububi !
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..