... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Iselapho Esinamandla Ngokunsonsothayo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 6:27-31 “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

Listen to the radio broadcast of

Iselapho Esinamandla Ngokunsonsothayo


Download audio file

Amagqubu ,inzondo ezikile enhliziyweni ,yinto endala selokhu kwathi nhlo .Kwaqala ngamhla undodana ka –Adamu no Eva uKhayini ebulala umfowabo u-Abela ,selokhu kwasukela lapho kuze namhlanje ibulala izigidi zezimpilo zabantu .

Ake ubuke e-Middle East ngisho nala ezweni lakithi e-Afrika elicebile kakhulu kwizimbiwa nokuningi kwemvelo; kanjalo nenzondo yokubandlulana emazweni ahlukahlukene ikakhulukazi awabamhlophe ;inhlese embi yokuklayekana ngokwezepolitiki ,imishado eklayekile ,echitha izimpilo zezingane .

Mangase kuthiwe nje besingaxhephula inzondo ebusweni bomhlaba .Nokho sithola ukuthi iphila ezinhliziyweni zabaningi ,Okungakho uJesu washo lokhu kubantu abajwayelekile abanjengami nawe : 

NgokukaLukha  6:27-31 “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo, nibusise abaniqalekisayo,

nibakhulekele abanidumazayo.  Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo,

ungamnqabeli nebhantshi.  Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

Yiyona ndlela kuphela eyiselapho esinsonsothayo enzondweni .emlandwini woluntu lonkana : yenza okuhlukile kulomuzwa ufika ngokwemvelo mawubhekene nenzondo .

Ngiyakuthanda okwashiwo yi-social worker nesifundiswa saseMelika u- Brené Brown wathi : Abantu banzima uma bezivalele bodwa .Wena sondela ngena kubo .Khuluma iqiniso ….yiba ngumuntu ebantwini .Xhawula ngisho nongamazi .Uqinise izandla emahlombe abo ubaxhawule ngezandla ezintofontofo .

Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo.

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.