Isileti Sisulwe Sibe Clean
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaJohane 1:8,9 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Usuku olungemumva kukaKhisimusi lolu ,kwenzekani ngalo ? Kwabaningi wusuku lokuphumula ,bedlulisa imigubho yayizolo .Kwabanye ngusuku lokuba sekhaya ndawonye komndeni .Ebese kuzokuthi kwabaningi bethu ,ndlelana thizeni ,kuba lusuku lokubuka okwenzeke onyakeni wonke nokunye .
Kuyamangaza ukuthi kulesikhathi sonyaka ,lelisonto likaKhisimusi kuthi makudlula isasasa lawo qede ebese sibuke emumva ukuthi impilo ihambe kanjani -nokuthi njengokuba sesiwuphetha ke manje lo ,lo ozayo wona usiphatheleni .Ngakho ake ngikubuze mlaleli omuhle ,ube nonyaka onjani ? Omuhle ,omubi,,,,ongaqondakali ? Ngakube ube luhlobo lonyaka ofisa ukuwugubha kumbe uthi awuhambe ushone ?
Noma ngabe ithini impendulo yakho ,kodwa kunento eyodwa emile .Kunezinhlayiyana zawo ongafisa ukuzikhohlwa .Ikakhulukazi lezo ohlulekile kuzona – kungaba nguwe ohlulekile ,abathandiweyo bakho ,yebo futhi mhlawumbe othi kuzo uNkulunkulu naye ungenzele phansi la .
Yilokho kanye okwenza sikuthokozele ukufika konyaka omusha .Kusinika ithuba ukuqala kabusha .Futhi okuthi uma isono sethu sinamathela kithi ,uma imiphumela yaso iqhubeka idla izimpilo zethu ,lokho kuvese kwenze ekuqhubekeni kweminyaka igingqilika lokho kube yinto engenzi mqondo nengasizi kithi ,angithi ?
Yingakho kusemqoka ukwenza isleti sempilo yakho sihlale sisuliwe konke okungekuhle ,qede uqale ubhale kabusha .
1 EkaJohane 1:8,9 Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Iphuzu lonke lethu ngomgubho wayizolo ngukuthi ngokholo kuJesu ,izileti zethu zingasulwa futhi impela zesuliwe za clean.Ungayi onyakeni omusha ungazishiyanga emumva izono zakho .Zivume kuNkulunkulu ,methembe uKhrestu futhi uyokuhlanza ube mhlophe qwaa.Uyosesula sibe – clean isileti sakho .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..