Isiqinisekiso Esibusisiwe
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
KumaHebheru 10:21,22 sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;
Sekube nezikhathi eziningi ohambweni lwami noJesu ,lakhona ngiye ngibone ngizwe ubuhlungu ngokushoda engishoda kukho ,ngothando lwakhe olungenamkhawulo kimi.Kuwe kunjani sihlobo sami?
Kulomhlaba lakhona okuye kumele yonke into siyithole ngezikhwepha,kuvese kwenze ukuthi umqondo wokuthelwa kothando lukaNkulunkulu phezu kwezimpilo zethu mahhala,singakhokhanga nasenti leli ,kwesinye isikhathi ….kaninganyana ..kuba nzima ukukumumatha ngezinhliziyo zethu lokho .
La emhlabeni siyakusebenzela esikutholayo ukuze siphile.Ngisho iqholo lokuhlonishwa siyalisebenzela.Cishe konke siyakujulukela ukuze sikuthole .Kungani ? Yingoba kulomhlaba esikuwo kunenani okumele silikhokhele .Ngenxa yaleloqiniso lempilo kwenza kube nzima kithi uma sehlulekile endleleni kaNkulunkulu ukubuyela kuYe [isibili] siyocela intethelelo yaKhe.
Sikuthola kunzima ukukholwa ngukuthi alikho inani okuzodinga silikhokhe .Futhi okuvese kuthi lonembeza wethu onecala usinqabele ukuphuthuma masinyane siyoshweleza kuNkulunkulu ngomusa waKhe .Kodwa nazi izindaba ezinhle ….
KuMaHebheru 10:21,22Sinompristi omkhulu wendlu kaNkulunkulu, masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo.
Kulezonsuku ,ngumnikelo kaJesu okhokha inani .Kulezonsuku ,singazi nebala ukuthi kungenxa yethu wafa.Kulezonsuku igazi likaJesu -yebo umnikelo oyimpilo yakhe uqobo – uhlanza ube clean unembeza wethu ;uhlanza uqobo lwethu lube mhlophe qwa.Ngakho kukulezonsuku impela lakhona siba nesiqinisekiso esibusisekile sethemba eliphelele…
Masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa,
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..