Isono Asikaze Silokothe Sibe Sincane
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
1 EkaJohane 1:9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Impilo igcwele ukuzikhohlisa .Ngicabanga lokho kuyinto ekhona eliqiniso.Uvese uthole ukuthi kukhona ukuzikhohlisa mina nawe esikwenzayo si-compromise okungagcina kusi-rober konke lokhu uNkulunkulu asihlelele khona ngezimpilo zethu.Ngisho nala khona lokho kuzikhohlisa kubukeka kuncane kuyinto engatheni.
Kunezikhathi empilweni lakhona kungathi senza konke oku-right kodwa uvese uthole ukuthi,izinto azihlangani .Kube sengathi uNkulunkulu alukho nolunci alwenzayo oluyiqhaza laKhe.
Kwesinye isikhathi yingoba isikhathi sakhe akusiso esethu ,kodwa manje kwezinye izikhathi usuke evese ekulungele ukwenza izinhlelo zaKhe kunye nezibusiso,uthole kunento emmisayo ,okungathi iyam-blocker.
Manje uma kungukuthi wake wabona ipayipi lamanzi liblokhekile ,nebala uzoba nalo ulwazi lokuthi i-blockage encane ingakwazi ukuvimba umthamo omkhulu wamanzi ukudlula.
Kwesinye isikhathi kunokuzenzisa okuncane okuba sezimpilweni zethu ,into ethile evimbela uNkulunkulu ,into ethile nje encu ncu ,esiye sikuthole kulula ukuyithatha kancane ,into encane ngangokuthi akekho ongayibona kodwa uNkulunkulu kuphela .Futhi ulinde thina ukuba sikulungise lokho ,ukuba agudluze le-blockage ecashile ukuze amanzi okuphila aqhubeke ageleze.
“Kodwa manje lento incane kabi.Akekho umuntu ongayibona.”, Yebo nebala yilokho kanye ama-blockage ayikhona .Emancane enjalo ,yebo mtakababa isono asikaze sibe sincane emehlweni kaNkulunkulu.
1 Johane 1:9 Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Mhlawumbe ,yini le eyisivimbela empilweni yakho? Yisiphi lesisono esincane esivimbela ukugeleza kwamacebo kaNkulunkulu ,izibusiso zikaNkulunkulu ngempilo yakho.
Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono
Ngakho musa ukuhlala.Gudluza lento eblokhisile .Vumela isibusiso sikaNkulunkulu sigeleze .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..