... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Isono SaseSodoma

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Hezekeli 16:49 Bheka nakhu ukona kukadadewenu iSodoma,ukuzidla ,nokusutha ukudla,nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakumadodakazi alo ,kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.

Listen to the radio broadcast of

Isono SaseSodoma


Download audio file

Iningi lethu ebusuku bayizolo silale embhedene ensofonsofo ,sinophahla phezu kwamakhanda ethu  nokudla eziswini zethu .Iningi lethu ,kodwa hhayi sonke kithina .Uyabona yini ukuthi ukuba nalezizinto singakuthatha kancane nje sikwejwayele.

Ngiqagela ukuthi sonke sesike sezwa ngamadolobha ase Sodoma naseGomora ,amadolobha adilizwa nguNkulunkulu .Kwakungani? Hhiya nebala thina esiye sikukhumbule yizono zabo zokungaziphathi kahle kwezocansi .Phela angithi negama elisemthethweni ngolimi lwesingisi elisho loluhlobo lwesenzo socansi  lithi : “sodomy” elimsuka walo ukuleligama lalelidolobha iSodoma.

Kodwa ake ulalele la lakhona uNkulunkulu esho uqobo lwesono sabo ngqo .

Hezekeli 16:49Bheka nakhu ukona kukadadewenu iSodoma,ukuzidla ,nokusutha ukudla,nokuzinza okuthuleyo kwakukhona kulo nakumadodakazi alo ,kepha aliqinisanga isandla sabampofu nabaswelayo.

Kuyajulukisana ukukuzwa lokho.Ake ucabange ukuthi iningi lethu liphila esikhathini sesimanje esiphucukile.

Mina nonkosikazi sihlala kahle endlini enophahla oluhloniphekile ,ngokweminikelo esiyithola ngomsebenzi weNkosi .Kuhle lokho ,kodwa akukho lutho olutheni olubukhazikhazi .Nginesiqinisekiso ukuthi ngesikhathi ubuka izimo zakho ,mhlambe ubungesebenzise igama elithi “ocebile ”  uma uzichaza wena.

Into  thina esiye singayiboni ,yile yokuthi uma besingaqhathaniswa nosozigidigidi namazwe athuthuke kakhulu ,kulabantu abadliwa yindlala nenhlupheko ,abaswele nje amanzi okuphuza ahlanzekile ,ezempilo ezihlelekile ngokwemtholampilo nodokotela ,ngokwalababantu kahle hle sihlala ezigodlweni zobukhosi uqobo.

Sabe siyini ngqo isono seSodoma? Ngokudla  okuningi okwakuyiziduli zabasali ,nesikhathi elabe linaso siyintambo enganqamuki …

Aliqinisanga abampofu nokusiza abaswelayo

Mina nawe ,singazilandulela ndlela zonke ngaphansi komthunzi welanga  [sithi anginakho lokhu nalokhu engingakunikela ,yimuphi ngempela umehluko engingawenza?] kodwa inqobo uma sisaziba inhliziyo uNkulunkulu anayo ngabampofu ,emehlweni aKhe ayikho into esingcono  ngayo kunabaseSodoma Y.

UNkulunkulu unenhliziyo eshaya ngamandla kulabo abasweleyo abangakwazi ukuzisiza bona qobo.Kodwa thina siyakuziba konke lokho sizibizela amalahle uqobo . Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge