... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izenzo Zidudulwa Zinkolelo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

1 EkaThimothewu 6:3-5 Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu, ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi, nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.

Listen to the radio broadcast of

Izenzo Zidudulwa Zinkolelo


Download audio file

Angazi kunjani kuwe kodwa mina ngingumpetha wokuzikhohlisa .Kukaningi empilweni yami  ngikholwa ngukuthi into ethize iliqiniso kodwa ebese ngiphila ngokwehluke ngamalengiso kulonto engiyikholelwayo . Kulezogaba akukaze kulokothe kuphethe kahle .

Kunobudlelwane obumangazayo phakathi kwesikukholelwayo nesikwenzayo . Ngolimi lwesi-Latin oludala into esiyikholelwayo ibizwa ngokuthi yi – doxis ebese esikwenzayo kubizwe ngokuthi- praxis. Kumbe ngesiNgisi bese kuthi  – doctrine and practice , imfundiso-nkolelo kunye nokwenza . Manje imfundiso-nkolelo akulona igama elivelele kimina  kodwa ngikholwa uyalithola iphuzu lami la . Indaba ingesikukholelwayo .

Ngokuka  Martyn Lloyd Jones, nansi indlela amaKhrestu amaningi ashibilike aqhela ngayo okholweni lwawo : mawuke wadunga kwimfundiso-nkolelo yakho  , masisha uzodunga kwinkambo yakho ; awukwazi ukuhlukanisa imfundiso-nkolelo nokuziphatha . 

Ngivumelana ngalokho kanye nami .Uma singamavila ngesikukholelwayo  ukuziphatha kwethu kuvese kwehle ngamalengiso .  Nangu umphostoli uPhawuli kulesihloko kanye :

1 EkaThimothewu  6:3-5Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, engawalandeli amazwi aphilileyo eNkosi yethu uJesu Kristu nesifundiso esiya ngokumesaba uNkulunkulu,  ukhukhumele lowo engaqondi lutho, kumphethe

ukubuzana nokuphikisana ngamazwi okuvela kukho umhawu, nombango, nokuhlambalaza, nokuzindla okubi,  nokuxabana kwabantu abangqondo yabo yonakele, abamukwe iqiniso, bethi ukumesaba uNkulunkulu kuyindlela yenzuzo.

Kunohla oluningi lokuziphatha okubi lapha , okuvuka kwi –doctrine eliphutha , inkolelo embi . Uma ungumlandeli kaKhrestu lalela .UNkulunkulu ubhekane nenkinga enkulu ukuqiniseka iBhayibheli liyabhalwa futhi liyagcineka kwizizukulwane lize lifike nakithi . Okuyikho yilokhu esikukholwayo .Sikwazi ,singagudluki singaduki kukho .

Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.. 


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy