Izimpawu Zakho Ezingubungozi
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaMathewu 13:40-42 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Nanku umbuzo engicela ukukubuza wona namhlanje ,uyakholwa yisihogo ? Uyakholwa ukuthi siyindawo yokuhlukana noNkulunkulu futhi sibe yindawo yokuhlushwa isimbelambela ?Ngoba esikukholwayo kwenza umehluko omkhulu ngendlela esiphila ngayo .
Ucwaningo lukhombisa ukuthi ezweni laseMelika ,izinkomba zingu 76% kwabakholwa yiZulu , kodwa bangu 32% abakholwa ngukuthi isihogo siyindawo yokuhlushwa nobuhlungu ingunaphakade naphakade . Umbhalo kwi – New York Times kwiminyaka embalwa yakubeka kanje : “Umqondo wokulahlwa ingunaphakade ,awakhi mqondo ngokweBhayibheli ,nangokucabanga ngisho nangokokuziphatha awunabulungiswa .Kodwa khona unjalo kwabaningi uyihuho elibambe lakhohlisa imqondo wabo .” Ngukubuka lokhu okuhlabana umxhwele . Angazi ukuthi yiliphi iBhayibheli lomlisa owayelifunda yena ,kodwa nakhu engikwaziyo uJesu akusho:
NgokukaMathewu 13:40-42 Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.
Hmm. U-Charles Spurgeon ukubeka kanje : “Isiphambano siluphawu lwengozi kuwe . Sikuxwayisa ukuthi uma uNkulunkulu engayiyekanga iNdodana yakhe ezelwe yodwa pho wena angakuyeka kanjani .Siyi-lighthouse emile ogwini lolwandle lwesono esiqhoqhweni samatshe aso sikutshela ukuthi uma ungasiyeki isono uphenduke uzoya kofalakahlela qede ube yizicucu .”
Uma isihogo singekho ,kanjalo neZulu alikhandi mqondo . Ngakho sihlobo asithole simumathe lesisambulo sikaJesu ukuthi isihogo sikhona .UJesu weza ukuba sigweme ukuyogedla amazinyo kuso ingunaphakade ,lokho sikwenza ngokubeka ukholo lwethu kuJesu .Khona manje kwenze lokho likulalele iZulu .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.