... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Izingqugquzelo zenhliziyo

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

NgokukaLukha 12:35,36,40 “Izinkalo zenumazibe ziboshiwe, nezibani zivutha. Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane … Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”

Listen to the radio broadcast of

Izingqugquzelo zenhliziyo


Download audio file

Impilo kubukeka ibhibhidla ndawonye.Sewake wakuqaphela lokho? Nginezinto engidinga ukuzenza namhlanje …yikusasa  kanjalo nakuwe kunjalo nje.Ngakho sihlale sisekwenzeni izinto.Kuze kube  ngukuthi lusuku lumbe kuphantsha ithayi ,kuvese kuthi ngqi.Bese ..kwenzakalani mase kulapho?

Namhlanje inhliziyo yakho izoshaya ngokwamahlandla angu 100 000.Lokho okusikhiphela isibalo esingu 39 million nohhafu ngonyaka.Ngakho uma besingangathekisa ngokweminyaka eyimvamisa ephilwa ngumuntu emhlabeni engu 75 ,lokho kwenza isibalo sokushaya kwenhliziyo yakho esila ko 3billion .Inhliziyo yakheke ngobuchule obumangalisayo.

Umbuzo uthi kwenzakalani uma ima ukushaya na?  

Ake ubuke ububanzi nobukhulu bendalo engumhlaba nomkhathi ,ebanzi ngendlela yokuthi asazi kwakwazi ukuthi uphela kuphi.

Kwi galaxy eyodwa nje ephezu kwethu zihlawumbiselwa ku 100billion izinkanyezi ezikuyo.Cabanga ke njengokuba kunamaGalaxy angama trillion ngama trillion akhona .

Asazi kwakuqale kanjani.Yebo baye bathi abe –evolution kukhona okwavese kwaqhuma kakhulu[big bang] ekuqaleni kwase kukhanda izinsalela zalendalo ,kodwa manje uma kwaba kanjalo khona lokho kuqhuma kwakuqalwe yini kwakhona ekuqaleni lokho? Nokuthi uma kunjalo pho kungani ngalokho kuzenzekela kwe –big bang leyo sivese sizithole sikule planet yakwamhlaba esabholana letshe kodwa elibekeke ezingeni lokumukela ukushisa kwelanga okwanele ,okwenza kuhlumelelise ukuphila kithi kamnandi?  

Kwenzakalani uma inhliziyo yakho ima ukushaya ,lo ungumbuzo osemqoka kabi .Ngoba uma ungakwazi ukukucabanga okwenzekayo mayima ,ungabekeka esimweni sokuqala wenze okumele ukwenze ukulungiselela lesosikhathi sokucima kokushaya kwenhliziyo yakho.

UJesu uyibeka ngalendlela:

NgokukaLukha 12:35,36,40 “Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.  Nani yibani njengabantu ababheke inkosi yabo ibuya emshadweni ukuba, nxa ifika ingqongqotha, bayivulele masinyane…..

Nani manibe nilungile, ngokuba iNdodana yomuntu iyeza ngesikhathi eningasicabangiyo.”

Ngakube usukulungele? Ngoba uma kuwukuthi uJesu uyilokhu owathi uyikho,ngakho isikhathi sokukholwa simanje hhayi kusasa.

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge