Izinto Ezingeke Zithengwe Yimali
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 4:46,47 UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.
Kulula ,noma ngabe ucebile noma umpofu –ukuzitshela ukuthi imali ingalungisa zonke izinkinga zakho,angithi ? Siyazi ukuthi lokho akusilona iqiniso ,kodwa siyawagomoshela lawomanga wena ongafunga ukuthi ayiqiniso kanti cha.
Mangase kuthiwe phela imali iyisisombululo sezinkinga zethu zonke .Phela kwakobiza ukuthi into nje thina okumele siyenze ngukusebenza kanzima ngokuthe xaxa,sihole enye ngaphezulu ,hhawu zobe sezisombululekile njalo izinkinga zethu.Kodwa akukhathalekile ukuthi sisemqoka kangakanani ,sikusiphi isikhundla ,sihola imali engakanani ,akusebenzi kanjalo.
NgokukaJohane 4:46,47UJesu wayesephinda eza eKhana laseGalile, lapho enza khona amanzi abe yiwayini. Kwakukhona induna ethile yenkosi endodana yayo yayigula eKapernawume. Yathi ukuba izwe ukuthi uJesu ufikile eGalile evela eJudiya, yaya kuye, yamncenga ukuba ehle aphulukise indodana yayo, ngokuba yayisizakufa.
U- R Kent Hughes uma ehlaziya lendimana ubhala athi :
Ziningi izinto imali engeke izithenge .Imali ingawuthenga umbhede kanokusho,kodwa ngeke ibuthenge ubuthongo ! Imali ingathenga indlu enkulu ,kodwa ngeke ilithenge ikhaya! Imali ingamthenga umuntu ozohambisana naye ,kodwa ngeke imthenge umngani osesifubeni ! Imali ingathenga izincwadi ,kodwa ngeke iyithinge imiqondo ! Imali ingasithenga iskahiwo sesonto ,kodwa ngeke ilithenge isango lokungena ezulwini!
Iphuzu la ngukuthi izinkinga ezinkulu kunazo zonke empilweni ngeke zakwazi ukulungiseka ngemali.Izidingo ezijulile zempilo ngeke zathengwa ngemali.Futhi njengokuba sibona kuloludaba ,imali ayikwazanga ukuthenga impilo yendodana yalomnumzane .Kukodwa kuphela okungakwazi .Amandla kaNkulunkulu kuJesu Khrestu .
NgokukaJohane 4:50,51 Wathi kuyo uJesu: “Hamba, indodana yakho iphilile.” Lowo muntu wakholwa yizwi alishilo kuye uJesu, wahamba. Kwathi esehla, izinceku zakhe zamhlangabeza, zathi umntanakhe uphilile.
Kunezinto imali engeke izithenge sanhlobo.Ezibukeka kuyizo ezisemqoka kakhulu ,ezinenani elikhulu ezimpilweni zethu.Impendulo yalezozinto nguJesu .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..