Kuhle Emoyeni Wami (6)
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Isambulo 1:7 Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye.Yebo, Amen.
Kunento ejulile ngamahubo akudala okuthi mayeculwa aya ekujuleni komphefumulo wethu .Kodwa ngendlela esesihleli ngayo kumaculo esimanje ,kugcina eselahlekelwa ngumuzwa owafanele lamahubo ,ngenxa yendlela esiwaphatha ngayo thina,singawanaki .
Futhi ishwa nobuhlungu bulapha .Kuyathukela sicula iculo liphelele lonke ,sivese sikhe sihambe ne chorus kuphela .Ake sibuke lelihubo ebesilokhu silihlaziya kulelisonto elithi– It is Well With My Soul –Kuhle Ke Emoyeni Wami . Linamavesi angu 6 kodwa imvamisa uma kuculwa kuvese kugidwe kwelilodwa phaqa . Kungani ?
Yingoba kuthatha isikhathi eside ukuwacula wonke lamavesi angu 6.Emhlabeni wesimanje ogcwele imiyalezo engena inyinyitheka kuma App ngokuhlukana kwawo ,sigcina silahlekelwe yilokho uNkulunkulu anakho ngathi .Hheyi ngoba lomqondo wempilo yeskhashana usenza singakwazi ukubuka enye into ngaphandle kwama screen ama smartphones ethu. Ngakho nanti lelivesi lesithupha kulelihubo elinamandla :
Ngakho Nkosi ,sheshisa usuku lakhona ukholo luzobonakala , Amafu agoqwe njengencwadi ; Lizokhala icilongo qede iNkosi yehle ,
Iculo ebusuku ,yeka lobobuhle mphefumulo wami !
Noma ngabe impilo yakho yinhle noma imbi kangakanani kulomhlaba – noma ngabe imanje lakho uyalithanda futhi ufuna ukunamathela kulona ingunaphakade ,kumbe zikhisi ofisa nga ziyedlula – nanti iqiniso .Nanti iqiniso loqobo likaNkulunkulu ngokwenkazimulo yaKhe impilo yethu singuluntu ekhona ngalo.:
Isambulo 1:7 Bhekani, uyeza namafu, namehlo onke ayakumbona, nabo abamgwazayo, nezizwe zonke zomhlaba ziyakulila ngaye.Yebo, Amen.
Ngakho zenzele umusa .Phakamisa amehlo akho .Cula lelivesi lokugcina ngokuba amafu azogoqwa necilongo lizokhala . It is well, it is well with my soul-kuhle kuhle emoyeni wami .
Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..