Letha Izenzo Zakho Ekukhanyeni
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
NgokukaJohane 3:20,21 Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa. Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”
Mangase sikumeme emsakazweni njengamanje uzokhuluma nesizwe sonke sabalaleli ,yiyiphi into eyodwa onamahloni ngisho ukukhuluma ngayo owayenza othi mawuyibuka ibe yihlazo kuwe ? Futhi ungavuleleka kangakanani ukuyixoxa ?
Abantu banezimfihlo ,izinto abangafuni ngempela ukuzixoxela omunye umuntu ,abazazi kahle zaba yizinto ezi-wrong ;ukuthi azimelwe ukwenzeka ;abazi kahle kamhlophe ukuthi azimhloniphi uNkulunkulu .
Uzishiya kanjani lezozinto ? Ungaba kanjani nempilo lakhona kungekho lutho ,oluthi maselubhoboka ,lwaziwa ngumphakathi ,oba namahloni ngalo ?
NgokukaJohane 3:20,21 Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba
imisebenzi yakhe ingasolwa. Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”
Ngakho impendulo kaJesu ngukuletha konke lokhu okushoyo nokwenzayo ukulethe ekukhanyeni .Lokho kuchaza ukukala imicabango yakho nezenzo ngokwakho,uzibuze ukuthi ngakube ngingafuna lokhu kube sesidlangalaleni ? Futhi uma impendulo kungu chabo kubiza uhlukane nakho empilweni yakho .
Ngoba nebala ungakwazi ukuletha konke ekukhanyeni ,futhi ngokuthembeka nebala ,yilapho kanye sonke esingaxoxela ukuphila khona ,angithi ?
Ungalenzi iphutha akukho lutho olufihliwe emehlweni kaNkulunkulu .Futhi nembala ngalolosuku lakhona sonke siyakuma phambi kwesihlalo sakhe sokwahlulela ,izenzo zethu ziyoba sobala kubantu bonke.
. Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.