Making Mistakes
We're glad you like it!
Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.
Amahubo 37:23,24 Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova ;uyayithanda indlela yakhe . Noma ekhubeka akayikuwa phansi ,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe .
Kungenye yezinto eziletha ukucikeka empilweni ukuthi uma usuthi uphokophele ukwenza into okuyiyona ,imvamisa uvese ugcine ungafinyelelanga ekuyenzeni .Mhlampe kungenzeka kuba yimi ngedwa ? Cha ,angicabangi kanjalo .Siqala sinenhloso enhle yokwenza leyonto kodwa siphethe sehluleka .
Ungakubiza noma ngaliphi igama –ukwehluleka,ukukhubeka uwe,isono .Igama ongalinika khona alisho lutho kakhulu ngaphezu komphumela wokugcina kuyikho .Mina nginenhliziyo yokulandela uJesu .Intshisekelo yoqobo .Ngithemba futhi kungumkhuleko wami ukuthi nakuwe kunjalo .
Futhi uma sibona ngalokho akwenza ngokufa kulesosiphambano ukukhokha inani elabe lifunwa ngubulungiswa bukaNkulunkulu ngezono zethu ,leyontshisekelo yokumhlonipha ,ukumlandela nokumkhonza nokumsebenzela ,yebo ukumlalela kuyenza ikhule lentshisekelo .
Futhi sikwazi kahle ngokucacile ezibhalweni ukuthi uNkulunkulu yilokho kanye afuna ukukubona kithi .Manje pho senze njani ? Senze njani uma sikhubeka ? Senze njani uma sihluleka ?
Amahubo 37:23,24 Izinyathelo zomuntu ziqiniswa nguJehova ;uyayithanda indlela yakhe .
Noma ekhubeka akayikuwa phansi ,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe
INkosi nebala iyasikhombisa ukuthi siphile kanjani .Nebala uyathokoza uma esibona siphila ngaleyondlela .Kodwa manje ake sibuke lengxenye:
Noma ekhubeka akayikuwa phansi ,ngokuba uJehova uphasa isandla sakhe.
Ulapha ,useduze kwethu ,ukulungele ukusiphasa uma sikhubeka ,ukuze singawi .Lokho kumelwe ngukuba yizindaba ezinhle ,akuzona ?
Kubukeka sengathi kimi iphutha elikwenza uthobeke ,lelokanye elikwenza uncike emseni kaNkulunkulu ,lingcono kakhulu kune –achievement ekwenza uphakame .
Yilo kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje.